Cormorants
Imiphishamanzi

© Shem Compion
Cormorants.

Igama

Imiphishamanzi

Ukubukeka

Ngenxa yebala lawo elimnyama, umphishamanzi ubizwa ngokuthi yigwababa asolwandle. Empeleni igama lomndeni wayo, elithi phalacrocoracidae, lisho ukuthi yigwababa elinempandla ngesiGriki. Yize umphishamanzi ubukeka umnyama, uma uwhlolisisa eduze uyabona ukuthi unengxubevange yemibala egqunqile kusukela koluhlaza njengotshani nobukhwebezane kuye koluhlaza njengomkhathi oshubile nonsundu njengethusingxube. Ekuzaleleni izimpaphe zalezi zinyoni ezinkulu zolwandle zibanamabala agqamile ezinhlobo zemibala ethize, ezungeza amehlo azo nomphimbo. Umphishamanzi unobilo noma inqalathi, enemisebenzi eyehlukene. Ubilo luyindawo yokuqukatha inyamazane ebanjiwe futhi lusiza le nyoni ukuthi ikhiphe ukushisa uma iphefumula noma ngesikhathi sokukhwelana.
Imibala egqamile yale nqalathi iba wumbukiso wokweshela. Lezi zinyoni zolwandle zinemilomo emide eyehlukile, ewutshumo, egobile, obude bayo busukela kumasentimitha angama-63 kuya kuya kwayi-101. Yize izinyawo zazo ezinkulu zenza lezi zinyoni zibe ongcweti bababhukudi, kodwa azibona ongcweti babanyatheli. Zivame ukubhadazela zinyathela amaqanda aphihlike ngobuningi. Isakhiwo semizimba yemiphishamanzi siyenza ibe ngompetha bokubhukuda. Nokho sikhinyabeza ikhono lazo lokundiza. Ithanga nenqulu ejoqile okuyikhona okuyinika amandla okugwedla uma ingaphansi kwamanzi yikho okwenza isinde uma ithi iyandiza. Yilesi sigubo esenza lezi zinyoni zihlale zilapho ezibuthanela khona, azingeni ziye kude maphakathi nolwandle.

Ukudla

Ukudla zikuthola kuzo zombili izindawo, emfuleni nasolwandle. Ukudla kwazo okwejwayelekile yizinhlanzi ezisencane kodwa ziyawadla namaxoxo nezinkalankala.

Ukuzalela

Izalela amaqanda amathathu kuya kwayisihlanu. Umbala wawo ungathi umcako oluhlaza ngokuphaphathekile kanti esidlekeni kwakhiwe kahle ngezinti nokhula lasolwandle ogwini. Isidleke sakhiwa esihlahleni noma eweni kumbe esiqhingini esimadwala. Lezi zinyoni zihlanganisa isidleke sazo nomquba wamalulwane. Ziyasebenzisana uma zakha isidleke.

Isimilo

Yize zichitha isikhathi esiningi emanzini, azinawo amafutha okuvimba amanzi. Ngakho-ke zichitha isikhathi esiningi zomisa amaphiko azo. Imiphishamanzi isebenzisa izinkundla ezindala ukubuthanela nokwakha izidleke. Yingakho kulezi zindawo kugcina kunomquba wazo weminyaka. Imiphishamanzi yakha izidleke emadlelweni aphephile ezilwaneni ezingomadl’ezinye. Kwezinye izikhathi zakha eziqhinganeni phakathi olwandle noma emaweni ajulile. Ezinye zakha izidleke (noma zisebenzise izidleke zandwandwe) ezihlahleni ezomile phakathi emanzini noma ziqhwakele emaweni angahambeki.

Indawo

Zitholakala emachibini, emifuleni, emachaphozini nasolwandle.

Itholakalaphi

Imiphishamanzi itholakala kuzo zonke izindawo lapho amanzi ehlangana khona nosebe.

Igama LesiLatin

Phalacrocoracidae.

Cape Cormorant

Ngesikhathi sokuzalela kusukela ngoMandulo kuya kuNhlolanja ziba mnyama zonke. Zakha izidleke zazo ngokhula lasolwandle nezinti. Amaqanda ab...more

Crowned Cormorant

Iyisihlobo se Reed Cormorant, lenyoni impisholo ngenhla futhi inomsila omfushane....more

White-breasted Cormorant

Aphila wodwa noma ngemihlambi ngasolwandle ematsheni noma eziqhingini. Ayatholakala kude nolwandle emhlabeni lapho kunamanzi amaningi khona,...more