Ukuthela Kwesivini

© Marinda Louw
Ukuthela kwesivini kubonakala ngesikhathi sokuhluma kwamahlumela. Ihlumela eligcwele libonisa ukuthela okuhle uma seliqala liqhakaza libe neqoqo elilodwa noma ngaphezulu lezimbambili eziqhakazile. Lamaqoqo asuke kade esakhekile ngaphakathi kwihlumela izinyanga ezingu 15 ngaphambi kwesivuno samanje, October kuya ku January, uma izimo zivuma kahle. Izimo ezivumile kubalwa kuzi imisoco eyanele, ilanga elanele, amazinga okushisa angaphezulu kuka 20°C asemhlabathini phansi abengaphezulu kuka 10°C.
Yize noma ihlumela lingathela kakhulu ukusho lutho uma ihlumela lingaqhumi livuleke. Ipheseteji elihle lokuvuleleka kwehlumela litholakala ngokunqantula (spur pruning) kodwa kwesinye isikgathi kuyadingeka ukuthi usebenzisa amakhemikhala azosusela ukuvuleleka kwamahlumela.Translated by Nokubonga Guliwe