Tamboti

© Roger de la Harpe

Igama

Tamboti [Spirostachys africana]

Incazelo

Lesi sihlahla siqathaza amaqabunga aso kanye ngonyaka, asiside kakhulu. Sinesiqu esiqinile futhi esimpisholo. I-latex yaso engathi ubisi isetshenziselwa ukuqabuka kwesikhumba namehlo abuhlungu. Ngaphezu kwalokho sinephunga elibi elenza ukudla kube kubi.
Ngenxa yendlela lesi sihlahla esiyiyona sivikelekile ekusetshenzisweni ngokweqile ngabantu. Ikudu iyasidla. Abazingeli uma behlinza isidumbu sekudu bayaqhaphela ukuze izindawo ezine-Tamboti zingathintani nezindawo ezizodliwa. I-heartwood inombala onsundu nemigqa emide eyenza sibukeke kahle.
Ukhuni luqinile luyacwebezelayo futhi lunephunga elinamandla elingasheshe liphele. Noma kumanjalo leli phunga lingco kunele-sandalwood. Leli phunga elimnandi lihlala isikhathi eside ngemuva kokunqunywa kwezinkuni. Ifenisha eyakhiwe ngezinkuni zalesi sihlahla zenza indlu noma yinkulu kangakanani ihlale inephunga elimnandi.

Izimbali

I-Tamboti iqhakaza ngoMandulo futhi izimbewu zayo zingango phizi. Zikhula zibe yisibaca futhi zinama-capsule amathathu awela esitsheni seqabunga elingezansi uma esemadala ngoLwezi. Uma, umile eduze kwe-copse yesihlahla se-Tamboti ngosuku olushisayo ngoLwezi ungase uzwe ukukhwabanisa okuhlukile futhi uma ubheka ngokucophelela uzobona imbewu igxumagxuma.
Uma uqokelela le mbewu uyibeke epletini bese ulibeke elangeni, zigxumagxuma kakhulu. Uma ungase uvule imbewu eyodwa ngaphakathi ungathola isibungu, ekuyiso esenza imbewu igxume. Lesi sibungu kuthiwa yi-Emporia melanobasis, singena ngaphakathi kwembewu ingekavuthwa.

Ukusetshenziswa

Isikhathi esiningi kudwetshwa ngaso, noma kwenziwe ngaso ifenisha. I-Tamboti akusona isihlahla esijwayelekile kepha kwakhiwa ngazo amafenisha amancane abiza imali eshisiwe.

Lapho esitholakala khona

I-Tamboti itholakala eNingizimu yase-Afrika kuma-lowveld nase Swaziland.

Olunye ulwazi

Abahambi bokuqala abecwaninga lesi sihlahla bathi bosa inyama i-Tamboti iyimoshile ngephunga layo elibi. I-latex yalesi sihlahla inobuthi futhi isiqu sibuye senziwe uphoyizeni wezinhlanzi ophinde ugcotshwe ekhanda lomcibisholo.