Sea Cucumber

© Johan Boshoff

Igama elijwayelekile

Sea cucumber

Igama lesayensi

Holothuroidea

Usayizi

Ungafinyelela ku-3m

Isakhiwo Sayo

Inomzimba ofana nesoseji omude nesikhumba esibushelelezi. Inomlomo ngakwenye ingxenye nesingemuva kwenye. Inezindevu ezingaba yishumi kuya kweziwu-20 eduze nomlomo. Ivamise ukuba nsundu ngombala nomnyama nakuba iba khona neminye efana nowolintshi, obomvu nobukhwebezane.

Olunye Ulwazi

Uhlobo lwe-Holothuroidea lungaphansi komndeni we-Echinodermata, oluhlanganisa ama-Feather nama-Brittlestars nama-Sea urchins. Inezinyawo ezingolayini abahlanu ezisandilinga. Uhlaka lwamathambo ayo aqhumuzelayo lukwazi ukululeka nokufingqana. Izivikela ngokusebenzisa isisu, esikwazi ukubuya sizikhulele noma isebenzise izindosi zayo ezingemuva. Ezinye zayo zitholakala ematsheni. Ihlala kakhulu emanzini asolwandle.

Ukudla

Idla amabibi nomunye udoti.

Ukusabalala Kwayo

Itholakala kuzona zonke izindawo ezifudumele emhlabeni jikelele.

Uhlobo Oluvamile

Edible sea cucumber (Holotuhria edulis)
Black and white sea cucumber (Holothuria marmoratus)
Prickly red sea cucumber (Stichopus sp.)