Roan

© Shem Compion

Igama

I-Roan [Hippotragus equinus]

Ukubukeka

Umzimba wale nyamazane umbala wayo ufana nowekhowe. Imilenze nobuso bayo kunsundu noma kube mnyama. Ubuso bayo obenza lesi silwani sahluke. I-Roan inamadlebe acijile.
Bobubili ubulili balezi zilwane bunezimpondo ezigobile zibe wugqinsi ngasekudleni. eyesilisa inesisindo esiwu-270 kg ubude bayo ngu-1.4 m ukusuka ehlombe. Eyesifazane incane ngesisindo ngoba sisukela ku-170 kuye ku-210 kg ubude bayo wu-1.4 m kanti inomsila omude.

Adlani

I-Roan yinyamazane edla utshani, ngezinye izikhathi iye idle izithelo namakhambi. I-Roan ithanda utshani obude futhi obutholakala ezindaweni ezomile.

Ukuzala

Lesi silwane asinankathi yokuzala kanti amazinyane aso azalwa emveni kwamasonto awu-40. Ngenyanga yalo yokuqala lizelwe izinyane, liye lifihlwe endaweni enezihlahla, uma selikhulile liye lihambe namanye amazinyane.
Emasontweni ayisikhombisa ezelwe amazinyane, izinga lawo lokufa liba phezulu ngo-80%. Encwadini i-Red Data, i-Roan ibalwa njengesinye sezilwane ezisengozini.

Iphila Kanjani

Lesi silwane asinamahloni. Kuyo yonke imihlambi yalezi zilwane kunesesilisa esisodwa esiphethe.
Lezi zilwane zijwayele ukuba matasa ekuseni.

Zihlala Kuphi

Zithanda ukuhlala ezindaweni ezomile anezinkuni, nezinotshani obungebude kakhulu, obuseduze namanzi.