Mountain Reedbuck
Umziki Wentaba

© Roger de la Harpe

Igama

Umziki wentaba

Ukubukeka Kwawo

Umziki wentaba yinyamazane emzimba uphakathi nendawo, yinhle kanti inamahloni. Izimpongo zikhula zibe yisisindo esiwu-32kg futhi zibe banzi ngo-750mm emahlombe. Izinsikazi zincanyana ngesisindo esiwu-30kg.
Uboya bumpunga ikakhulukazi, kodwa ikhanda namahlombe kunsundu sakuba bomvu. Inomsila onoboya obuningi omhlophe nangaphansi igqame ngobumhlophe. Izimpondo ezigobele ngaphambili ezizimpongo. Lolu hlobo lunamadlebe amade acijile.

Udlani

Umziki wentaba udla utshani futhi udinga amanzi anele okuphuza.

Izalana Kanjani

Izinsikazi zizala amachwane ahamba ngawodwa ikakhulukazi ehlobo, emva kokumitha izinyanga eziyisishagalombili. Amazinyane akhula abe madala emva kweminyaka emibili. Izinsikazi ezincane ziqala ukukhwelwa zinezinyanga eziwu-15.

Ziphila Kanjani

Uma ugijima utshakadula, isibhelu sibheka phezulu, uveze ibala elimhlophe ngaphansi. Itholakala iwumhlambi omncane kusuka kwemithathu kuya kweyisishiyagalombili, yize ike ibonakale iwu-30 ndawonye.
Imihlambi emikhulu ibukeka ingeyesikhashana ngoba iyahlakazeka ibe ngamaqoqwana uma ithusiwe. Izimpongwana ziyaxoshwa emhlambini ziyohlala zodwa zize zithombe zibe namandla okulwela ilungelo lokukhwela emhlambini obuswa yizimpongo. Imvamisa iba yodwa impongo emhlambini owumndeni.

Zitholakala Kuphi

Indawo ehlala kuyona kakhulu kusezintabeni njengoba negama lizisho, yindawo eyizintaba futhi ziyabonakala emaqeleni ezintaba ziklabile noma zilele ethunzini futhi zizifihle ngehlozi.
Ukusabalala kwayo kugcina emaqeleni ezintaba zaseGoli, oKhahlamba nasemagqumeni aseKaroo agudle umfula iSangqu. Umziki wentaba uvamile ezindaweni ezinjalo.

Imininingwane Ebalulekile

Igama lesayensi: Redunca Fulvorufula
Isisindo (Insikazi): Wu-15kg kuya ku-34 kg
Isisindo (Impongo): Wu-24kg kuya ku- 36kg
Isikhathi sokumitha: Izinyanga eziwu-8
Isibalo samazinyane: Izinyane elilodwa
Uhlelo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae

Ukuzala

Izinyane lizalwa noma nini onyakeni (ikakhulukazi ngoZibandlela kuya kuMasingana) emva kokumithwa izinyanga eziyisishiyagalombili.

Incazelo Yenselo

Cishe awukho umehluko phakathi kwenselo yomziki neyomziki wentaba. Eyomziki wentaba ingaba ncanyana nje.