Leaf Scorpionfish

© Johan Boshoff

Igama elijwayelekile

ama-Leaf scorpionfish

Isidlaliso

ama-Paperfish

Igama lesayensi

Taenianotus

Usayizi

Ungafinyelela ku10cm, ngokujwayelekile kuba wu-8cm

Isakhiwo Sawo

Umzimba uyisicaba nekhanda elincane. Izigwedlo ezingathi useyili eziqala ngenhla kweso zize ziyophuma ngasemuva. Imibala yawo ihlukahlukene, kusukela ngonsundu ngokuphaphathekile, ophuzi, obomvu, onsundu nomnyama.

Olunye Ulwazi

Isizukulwane se-taenianotus sinohlobo olulodwa nje vo. Kunzima ukulubona lolu hlobo ngoba imibala yalo iyadida. Lukhonze ukuziphumulela emadwaleni nokuzintwezela emanzini, ongaze ulufanise nesiqeshana sephepha. Isikhumba sawo siyebuza ngezikhathi ezithile. Akhonze kakhulu ukucuthela izinyamazane. Azalela emanzini amaningi.

Ukudla

Adla ofishi abancane, izikhuphashe nezinkalankala.

Ukusabalala Kwawo

Atholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni jikelele.

Ezinye izinhlobo

Paperfish (Taenianotus triacanthus)