Krantz Aloe

© Roger de la Harpe

Igama

Krantz Aloe

Igama lesiLatini

Aloe arborescens

Incazelo

I-Aloe arborescens yi-aloe eneziqu eziningi ezinamaqabunga awugqinsi aluhlaza, anombala ophuzi. La maqabunga acijile onqenqemeni futhi phakathi anoketshezi oluthanda ukuba phuzi. Lolu ketshezi lusetshenziswa ukwelapha isisu. Amaqabunga asebenza ukugcina amanzi isikhathi eside, yingakho sikwazi ukumelana nesomiso.
Izimbali kulesi sitshalo ziqhaza phakathi kukaNhlaba noNtulikazi. Lezi zimbali, eziyimugxusha, ziphuma eziqwini. Ama-aloe amaningi athandwa yizinyonyana ezidla izimbali futhi yizo lezi zinyoni eziwapholinethayo.

Indawo

Igama elithi Krantz Aloe lisho ukuthi ikhula ezindaweni ezingamagquma nezinamadwala. Noma kunjalo ivame ukutholakala nasezindaweni ezinamahlathi aminyene. Le aloe ngenye yayingcosana atholakala ezindaweni ezisogwini nasezintabeni eNingizimu Africa, Mozambique, Zimbabwe naseMalawi.

Okunye ngalesi sitshalo

Uketshezi olubabayo lwalesi sitshalo lwalusetshenziswa yizizwe zomdabu ukwelapha kodwa njengoba isikhathi sihamba izizwe zasentsonalanga ziya zicaciseleka ngekhambi lokwelapha elitholakala kulesi sitshalo. Amandla okwelapha e-aloe agqame kakhulu emuva kwempi yamazwe omhlaba (WWII) lapho abalimele babelashwa ngoketshezi lwayo.