Crayfish
Igama elijwayelekile
Izikhuphashe
Isidlaliso
ama-Crayfish
Igama lesayensi
Nephropidae
Usayizi
Ungafinyelela ku-60cm, ngokujwayelekile kuba wu-30cm.
Isakhiwo Sazo
Izikhuphashe zinesikhumba esiqinile. Amapheya emilenze ayisihlanu, eminye yemilenze inamazipho. Zinezimpondo ezinde. Amazenga abukeka eqinile, ezinye ziba namathambo acijile. Imibala yazo iba ngomnyama, oluhlaza sasibhakabhaka, ophuzi, ophinki, owolintshi noluhlaza satshani.
Olunye Ulwazi
Umndeni we-nephropidae unezizukulwane eziwu-11 nezinye izinhlobo eziwu-24. Izikhuphashe zitholakala kakhulu ezindaweni ezinamatshe noma ezinesihlabathi, nasezixhotsheni. Izikhuphashe ziyebuza uma zikhula. Ukubona kwazo akukuhle kahle. Uma zethukile, zivele zindize zifingqe izisu. Ezesifazane zikwazi ukugcina imbewu yesilisa ngaphakathi esiswini kuze kube yisikhathi esidingeka ngaso amaqanda ahlala ngaphakathi kwesisu kuze kufike isikhathi sokuchamsela, okuba yizinyanga eziwu-11.
Ukudla
Zidla ufishi, izikhuphashe, imisundu nezinye zezitshalo. Ziphinde zizingele.
Ukusabalala Kwazo
Zitholakala kuzo zonke izilwandle emhlabeni.
Uhlobo Oluvamile
Long-legged spiny lobster - Panulirus longipes
Ornate spiny lobster - Palaemon adspersus
Painter rock lobster - Panulirus versicolor