Cape Wagtail
UMvemve

© Roger de la Harpe
Cape Wagtail.

Igama

UMvemve

Igama LesiLatin

Motacilla capensis

Umndeni

Motacillidae

Ubude

18 cm

Indawo

Ngokwejwayelekile uba seduze nemifula noma emachwebeni kodwa sewujwayele nokuhlala emapaki nasezingadini zedolobha.

Ukukhala kwawo

Ucula ngomlozi othi ‘tsi-tsi-tsi’, ngephimbo eliqhaqhazelayo.

Ukuzalela

Uzalela amaqanda amabili kuya kwamane. Sekuke kwabhalwa amahlanu kuywa kwayisikhombisa. La maqanda anombala ophuzi ngokuphaphathekile namachashaza amaningi noma eyingcosana ansundu. Kufukamela ubulili bobubili izinsuku eziyi-13 kuya kweziyi-14.

Ukuchazwa kwechwane

Ichwane liba nekhanda elinsundu njengomhlane. Ngaphansi linsunjwana bese izimpaphe zephiko zibamhlophe echosheni.

Ukuchazwa kokhulile

Le nyoni evamile ayingabazeki ngombala wayo ompunga sakuba nsundu emhlane, nomudwa omnyama esifubeni nezimpaphe ezimhlophe esisileni. Abukho ubumhlophe ezimpasheni zekhwapha.

Isimo Sawo

Isakhamuzi esivamile.

Ukusabalala

Kusukela eKenya nasempumalanga Congo, kwehle kwehle njalo kuze kufike eKapa.