Bank Cormorant
Umphishamanzi Wosebe

Igama

Umphishamanzi Wosebe

Igama LesiLatin

Phalacrocorax neglectus

Umndeni

Phalacrocoracidae

Ubude

75 cm

Indawo ohlala kuyo

Umphishamanzi wesebe utholakala kakhulu ezindaweni ezisogwini, ikakhulu eziqhingini naphezu kwamadwala osebeni.

Ukuzalela kwawo

Ukuzalela kwawo kwenzeka zonke izinyanga ngaphandle kukaMbasa, uNcwaba noLwezi. Uzalela amabili kuya kwamathathu amhlophe okukashoki.

Ukuchazwa kwechwane

Ongakakhuli umphishamanzi wesebe uba mnyama ngokuphaphathekile.

ukuchazwa kokhulile

Unomzimba oyisidlakela nekhanda elinesiqhova. Ngokuvamile (hhayi njalo) iqolo liba mhlophe, amaphiko abe nsundu ngokujiyile. Umzimba wonke umnyama futhi unokucwebezela kwethusi.

Isimo sawo

Uvamile ukubonakala ezindaweni ezehlukene.

Ukusabalala kwawo

Utholakala kuphela eningizimu-ntshonalanga ngasolwandle kusukela eSwakopmund enyakatho kuya e-Agulhas eningizimu.