White Faced Duck
Ivevenyana

© Shem Compion
White-faced Duck.

Igama

Ivevenyana

Libonakala Kanjani

Amadala anendawo emhlophe bese ikhanda lonke limnyama namabala amhlophe emaceleni kwentamo. Emahlombe amaphiko snsundu. Amnyama kuthi ngaphansi abe mhlophe. Phansi kwezimpiko isinqe nomsila kumnyama. Zinamabala ansundu nombala osagolide, amehlo ansundu, umlomo umnyama, izinyawo nobhozo kugqize ngombala oluhlaza nokumnyama. Ezesifazane ziyafana kepha phambi kobuso, umqala umombala unsundu. Yize inomqala omude nezinyawo ezinde, ayihlali ezihlahleni kodwa ihlala phansi.

Zidlani

Zidla imbewu nezitshalo ezimila emanzini, nezilwane ezincane zasemanzini nezinambuzane.

Zizala Kanjani

Zakha izidleke ngamaqabunga nasezihlahleni ezigubhekile. Impilo yonke zikhwelwa eyodwa. Izalela amaqanda ayisithupha kuya kwawu-12, afukanyelwa abazali bobabili izinsuku eziwu-28 kuya kweziwu-30. Ayafihlwa amachwane emva kokuzalwa.

Indlela Eziphila Ngayo

Ziba yimihlambi engafika ku-100. Zidla ebusuku, zithanda ukuhamba ndawonye, zitholana ngomsindo wazo. Umsindo uyikhwela elinomsindo, alikhali njengedada. Zihlukile ezesifazane nezesilisa okwenza ukuthi zikwazi ukuzwana. Zithanda lapho kunamanzi khona zilala eduze kwemifula ngemihlambi. Emini ziyahlala, zingandizi. Ziyakwazi ukubhukuda.

Ziphila Kuphi

Ziphila emadamini, emifuleni lapho ezizalweni zamanzi, emaxhaphozini nasemithonjeni.

Zitholakala Kuphi

Zitholakala eZimbabwe, eMozambique, enyakatho yaseNamibia, epumalanga yaseBotswana nasempumalanga yeNingizimu Africa.

Igama Lesilatin

Dendrocygna viduata.