UWinnie Mandela Ummeli Ozimele

Umuntu Onamandla angenakuqhathaniswa

©Dr Peter Magubane
Ukushada komunye wabaphikisi abadumile kakhulu bobuhlanga kwakungelula. Umyeni kaWinnie Mandela, uNelson, uhlale ebanjwe ibhizinisi le-ANC, izimpi zomthetho kanye nomuzi wabo buvame ukuhlaselwa ngamaphoyisa.
UWinnie wayebandakanyekile ekusebenziseni kamandla, ngisho nalapho ekhulelwe. Ngomnyaka ka-1958 wayeyingxenye ekunyanyeni okuphambene nokudlula ngemuva kwa-Agasti 1956 Wamasha nabesifazane ephikisana nemithetho efanayo. Wayengomunye wabesifazane abangu-1 000 ababoshiwe. Yena nabanye bazimisele ukuhlala ejele amasonto amabili kunokufaka isicelo sebheyili esheshayo. Bekukhona lapha abhekene nezimo ezimbi zamajele aseNingizimu Afrika. Ngemuva kokuthi akhululwe umphakathi futhi amaphoyisa azi ngaye njengomuntu onamandla okumele abhekwe nendoda yakhe edumile. Kungena sikhathi eside,walahlekelwa umsebenzi wakhe eBaraagwanath Hospital.
Indodakazi yakhe noNelson, uZenani, yazalwa ngonyaka ka-1959 emva kwalesi senzakalo.

Abagcinimfihlo njalo Bethenjiwe uWinnie Mandela

©Eric Miller
UWinnie Mandela wathola ukukhuthazwa nokusekelwa kwamanye amakhosikazi asebenzayo emzabalazweni wobandlululo. Abanye balaba besifazane babengabantu abafana noLillian Ngoyi, uHelen Joseph, u-Albertina Sisulu, uFlorence Matomela, uFrances Baard, uK Kate Molale, uRuth Mompati, uHilda Bernstein noRuth First. Laba besifazane baba abagcinimfihlo bakaWinnie abethembekile, into eyayingavamile ngaleso sikhathi. Ngokuvamile labo abathandana nezishoshovu zezombangazwe njengo-Winnie kamuva babonakaliswa ukuthi babekwazisa uhulumeni. Kwakunzima kuye ukwethemba abantu.
Inkinga yavuka phakathi kukaWinnie nomndeni wakhe ekhaya laseTranskei ngemuva kokuba umthetho weBantu oPhethe uqaliswe ngo-1951. Induna uKaizer Matanzima, omunye wabaphathi bakayise ka-Winnie kanye nomqashi wakhe, uhlangene nohulumeni ekusekeleni isenzo. Isinqumo sasiphikisana neqembu lasePondo elibizwa ngokuthi Intaba, elahlasela ikhaya lomndeni kaWinnie ngobunye ubusuku, behlasela kabi umama wakhe futhi bashisa indlu.
Ukuhlaselwa kwaholela ekukhunjweni kokukhubazeka kowesifazane owayenjengonina ku-Winnie ngeminyaka eyedlule. Wafa ngemva nje kwalokho. Noma kunjalo, uyise kaWinnie waqhubeka nokusekela uMatanzima, waze wabekwa esikhundleni seKhabhinethi ezweni lakubo iTranskei. UWinnie wabona lokhu njengokungathembeki okubi kumbono kayise njengoba ebona sengathi uhabambisana nabacindezeli. Ingxabano yabhidliza umndeni.

Translated by Nsika Khoza

Ifa lika-Albertina Sisulu

U-Albertina Sisulu, owaziwa ngokuthi uMama weSizwe noma uMa Sisulu, uyaziwa ngokuba ngumshushisi waseNingizimu Afrika olwa nobandlululo kany...more

UWinnie Mandela uvinjelwe futhi wahlukunyezwa

1960 no-1961 kwaletha injabulo kuWinnie ngokuzalwa kwendodakazi yakhe yesibili, uZindiswa, nomyeni wakhe, uNelson Mandela, owatholwa emsulwa...more