Umbrella Thorn

© Nigel Dennis

Igama

Umbrella Thorn

Igama lesiLatini

Acacia tortilis

Incazelo

Isiqu uma usithinta asisheleli futhi singwevu okuthanda ukuba mnyama ngebala. Isihlahla sinameva aqondile kwelinye icala nagobile kwelinye. Ameva aso azacile futhi akhula ngambili. Izimbali zivela zingamaqoqo okhunini oludala. Umbala wezimbali umhlophe sakhilimu futhi zingamabhola. Amagobolondo asagolide onsundu ngokombala, futhi agobile. Amaqabunga mancane kakhulu, ngakho-ke enza i-Umbrella ibukeke ngathi inezimpaphe. Imiswenya nezinye izinambuzane zidla amaqabunga anameva esamancane esathambile. Ameva amadala futhi aseqinile futhi akulula ukuwadla.
Ameva amhlophe futhi acijile, ami wodwa noma ngambili. Lesi sihlahla siqhakaza ngoZibandlela ehlobo. Izimbali zincane futhi zimhlophe, kodwa ukuvela kwazo kuya ngokuthi linetha kangakanani. Simise okwesambulela futhi sihlobene nezinye izihlahla ezinameva. Ubude baso bungafika ku 5-20 wamamitha. Izinhlobo eziningi zezinyoni ziphephela kulesi sihlahla ngenxa yendlela esime ngayo. Akusona isihlahla esisheshayo ukukhula. Imvamisa ubude baso ngu-3-5 wamamitha, ububanzi kubengu 8-13 wamamitha.

Izimbali nezithelo

I-Umbrella Thorn, ikhiqiza amagobolondo amaningi adliwa yizilwane zasendle nezasekhaya ngokunjalo nabantu. Amagobolondo angama-spirals, angumbala onsundu okhanyayo kanti avame ukuwela phansi engakavuleki. Ayaqoqana abe maningi bese adliwa yizilwane ezifana nekudu, impala, ubhejane nendlovu. Emuva kokuthi lezi zilwane zizidlile izithelo zalesi sitshalo, imbewu ihambe itshaleka lapho lezi zilwane ezibeka khona ubulongwe.

Ukusetshenziswa

Imisebenzi yalesi sihlahla wukubasa, ukubiya, ukwenza ifenisha nokwakha amasondo enqola. Amagobolondo aba wukudla kwezilwane ezidla utshani namaqabunga. Isiqu kuboshwa ngaso i-Tanganyika. Ugamu waso uyadliwa, kuthiwa wugamu wendoda ehlelelekile. Lesi yisona sihlahla esinconywayo ekubuyiseleni ama-dunes e-India nase-Afrika. Amagatsha anameva futhi kwenziwa ngawo amahhoko ezinkukhu. Kuthiwa isiqu umthombo omuhle we-tannin. Abase-Afrika benza imigexo ngamagobolondo agqinile. AbaseSenegal benza imikhonto ngezimpande.
AbaseLake Chad benza bakha izinsimbi zokudoba izinhlanzi ngesiqu. Ama-nomads ase-Afrika akha izindlu ahlala kuzo isikhashana, ngaphambi kokuthi badlulele phambili. Amagobolondo namaqabunga anezakhamzimba eziningi okwenza ukudla okuhle kwezilwanyana. Izinkawu ekuthiwa ama-vervet, nezimfene zidla amagobolondo asemancane awele phansi.

Lapho esikhula khona

I-Acacia tortilis ivame ukukhula kuma-sand dune, ezindaweni ezinamatshe nasezindaweni ezinodaka. Kodwa azivamile ukutholakala ezindaweni ezinamanzi amaningi kakhulu. I-Umbrella Thorn iyakwazi ukumelana nesomiso. Lesi sihlahla siyakhula ezindweni ezingayitholi imvula eningi ngonyaka. Lesi sihlahla sithanda indawo enesihlabathi esine-alkaline. Kodwa siyakwazi ukubekezela nasendaweni enenhlabathi enosawoti ne-gypseous.

Zitholakala kuphi

I-Umbrella Thorn sezihlahla ze-Acacia ezisakazekile. Lesi sihlahla siyatholakala eMozambique, eBotswana, eSwaziland, eTransvaal, e-Orange Free State naseKapa. Lesi sihlahla eSaudi Arabia kuthiwa sibonisa izindawo ezinesihlabathi esivundile.