Ukucaphuna kuka Mbeki ngoMandela

© Eric Miller

Ukuzinikela okuzinzile ekujuleni

Umongameli Thabo Mbeki, owafisela uNelson Mandela usuku oluhle lokuzalwa kuhulumeni nakubantu base Ningizimu afrika ngo 2007, wathi ‘izwe nomhlaba wonke banesibusiso sokubungaza impilo yomholi oqavile wabantu bethu’. Owayengumongameli uNelson Mandela wakhuthaza iNingizimu Afrika, inkabazwe kanye nabantu bonke ngempilo yakhe, ngokuhola kwakhe kanye nokugxila kokuzinikela okuzinze ekujuleni kwakhe ekulweni emzabalazweni owawumelene nobandlululo, ukulwela ubulungiswa nomphakathi ophila kwintando yeningi, kusho uMbeki.

Translated by Nokubonga Guliwe

Bill Clinton on Mandela's Legacy

Owayengumongameli wase Melika uBill Clinton, wethula inkulumo yokuhlonipha uMandela ngesikhathi sokubungaza imigubo yosuku lwakhe lokuzalwa ...more