uBill Clinton ukhuluma ngefa esalishiyelwa ngoMandela

© Eric Miller

Ubuntu Jikelele

Owayengumongameli wase Melika uBill Clinton, wethula inkulumo yokuhlonipha uMandela ngesikhathi sokubungaza imigubo yosuku lwakhe lokuzalwa ngo 2007.

Ngesikhathi evula ngokusemthethweni umbukiso ngoMandela nowayengumungameli we ANC Inkosi Albert Luthuli emmahhovisini eNelson Mandela Fondation Egoli, uClinton wabeka wathi ingxenye ebaluleke kunazozonke ngefa esalinikwa nguMandela ukubaluleka kokubonisa ubuntu jikelele emhlabeni wonke kunokuba sigxile kulokho esahluke ngakho.

‘Esahluke ngakho kuhle kakhulu nakho kwenza impilo ithakaseleke, kodwa ukuba nobuntu ikona okubaluleke kunakho konke. Kuyingxenye ebalulekile efeni asinika lona ngoba isehlizweni yenkinga ngayinye abantwana kanye nabazukulu bethu abazobhekana nayo.’uMandela wayekhona kulomcimbi kodwa akazange ayethule inkulumo.

uClinton wathi kubalulekile ukuba abantu emhlabeni jikelele bakhumbule ukuphila bekwenza okuyifa esalinikwa uMandela ayi nje umoya walo kuphela. Wathi uyaye azame ukufika eNingizimu Afrika minyaka yonke uma kuyizinsuku zokubungaza usuku lokuzalwa luka Mandela.’Ngifuna ukubona umngane wami kakhulu ngoba uyangikhuthaza kokuningi esengikwaze ukukwenza.’

Translated by Nokubonga Guliwe