Springbok
Insephe

© Nigel J Dennis

Igama

Insephe [Antidorcas marsupialis]

Ibonakala Kanjani

Ezesilisa ziba nesisindo esifinyelela ku-50kg kuthi ezesifazane zibe nesisindo esifikela ku-37kg. Imibala yazo egqamile izenza zisheshe ziqapheleke. Amahlombe abonakala ehlile kunengemuva. Iba nombala onsundu ngaphezulu, ngaphansi imhlophe, nomugqa onsundu ojulile odweba kusuka ezinyaweni zangaphambili uyekwezasemuva. Umsila omfishane omhlophe onombala onsundu emaphethelweni, emaceleni komsila kunombala omhlophe odweba unxantathu imilenze yombili ikakwe onsundu ojulile. Izimpondo zeyesifazane zimfishane futhi zincane kunezeyesilisa.

Zidla Nhloboni Yokudla

Zidla ukudla okukhethekile okusezingeni eliphakeme ngazinkathi ezihlukene zonyaka. Zidla amaqabunga ezihlahla uma kunemvula kuthi uma kunemvula utshani buluhlaza zidle utshani. Zijwayele ukudla izimbali ezinjengama-Acacia, Ziphuza amanzi uma ekhona kepha uma engekho ziwathola njengezimpande.

Mayelana Nokuzala

Ukukhwelana kwazo kuba yisikhathi esiyizinyanga ezimbili yize lezi zilwane zikwazi ukuzala noma ngabe isiphi isikhathi sonyaka. Emuva kokumitha amaviki angu-25 izala ithole elilodwa. Amathole ayafihlwa ezinsukwini ezimbili ezelwe. Ezesifazane zizala unyaka nonyaka, kokunye kabili onyakeni. Amathole ayafunzwa izinyanga ezine bese awesifazane akwazi ukuzala uma enezinyanga eziyisikhombisa.

Iindlela Eziphila Ngayo

Ezesilisa kuphela ezibanendawo yazo lapho zikhwela khona. Ukubumbeka kwamaqembu kuyashintshashintshana.

Indawo Eziphila Kuyona

Izinsephe ziphila ezimeni ezinzima. Emifuleni eyomile keph ziyathanda ukuthlala ezindaweni eyizikhotha ezimfushani. Iyakugwema ukuba sendaweni enotshani obude.

Zitholakala Kuphi

Insephe iyatholakala ngobuningi maphakathi nasentshonalanga yeningizimu Afrika. Ezinye zisazihambela ezindaweni ezingavalelekile, kepha eziningi zigcinwe emapulazini naseziqiwini. Awuvanzi eNingizu Afrika eziqiwini ezahlukene okubalwa kuzo nezifundazwe imbala.

Amaphuzu Abalulekile

Izinsephe zazigcwele zizihambela eNingizimu Afrika ngenkathi abokufika bokuqala befika kuleli, kepha namhlanje iningi selitholakala emapulazini nasezindaweni ezivalelwa kuzona. Iqembu laseNingizimu Afrika lebhola lombhoxo lethiwe ngalo igama le-Springbok.