Nyala
iNyala

© Nigel Dennis
Male nyala.

Igama Elijwayelekile

iNyala [Nyala angasii of Tragelaphus angasii]

Isakhiwo Sayo

©Roger de la Harpe
Female nyala and calf.
Isikhumba sayo esihle esinsundu esimalephulephu sinemithende emhlophe enqume emhlane namabala amhlophe emihlubulweni. Izimpongo zibukeka zimpunga sakuba mnyama njengamalahle ezinkuni.
Izimpongo zinezimpondo ezinde ezigobele phambili (ziwu-650mm) futhi zinobuso obucijile obunamabala amhlophe. Zinomphetho omude weziboya ezinde ngaphansi, kusuka esilevini kuyoshaya phakathi kwemilenze, futhi zinomhlwenga weziboya eziwugqinsi, iziboya ezimnyama kusuka ekhanda kwehle ngomgogodla kuze kuyofika eqolo.
Izimpongo zinesisindo esiwu-115kg bese ziba wu-1.05m ukuphakama emahlombe. Izinsikazi zincane futhi azinazo izimpondo, bese ziba wu-59kg isisindo no-900mm ububanzi emahlombe. Izinsikazi zinsundu sakuba mpofu nemithende emihlophe egqame kakhulu ezinhlangothini.

Zidlani

Le nyamazane idla kokubili utshani nezihlahla futhi idla ngokukhulu ukukhululeka amacembe, izithelo nezimbali. Le ngxubevange yokudla yiyo eyenza ziphile ngempumelelo.

Zizalana Kanjani

Zizala unyaka wonke, kodwa zikhwelana kakhulu ekwindla nasentwasahlobo. Amazinyane azalwa ngalinye emuva kokumithwa izinsuku eziwu-220. Amaphahla avamile. Izinsikazi zibamba izisu phakathi kwezinyanga eziwu-14 noma eziwu-18. Izikhathi zokuzala ziqhelelana ngezinsuku eziwu-297 imvamisa. Amathuba okukhwela ayabangiswana phakathi kwezimpongo.

Ziphila Kanjani

Okuhlaba umxwele wukuthi izimpongo zibukeka njengezinsikazi. Kucatshangwa ukuthi lokhu kuyindlela yokuzifihla futhi kuzivikele emehlweni anomona ezimpongo ezibusayo. Ngakho-ke izimpongo zikhula kahle zivikelwe wumhlambi.

Zitholakala Kuphi

Le nyamazane enkulu ihlala emahlathini acinene nasemahlokozini duze nemifula. Iyazifihla kakhulu futhi ibonakala kangcono ebusuku. iNyala ayihlali endaweni eyodwa, kodwa amadlelo obulili bobubili ayelekana. Amadlelo ezinsikazi makhulu ngokuphindwe kabili kulawo ezimpongo.

Zitholakala Kuphi

Ngenxa yokuthuthwa ngabantu, iziNyala zitholakala eziqiwini eziningi nasemapulazini athile kulo lonke elaseNingizimu Afrika. Ziningi kakhulu e-Kruger National Park.

Imininingwane Ebalulekile

Isisindo (Insikazi): Wu-55kg kuya ku-68 kg
Isisindo (Impongo): Wu-92kg kuya ku-126 kg
Isikhatthi Yokumitha: Izinyanga eziwu-8
Isibalo samazinyane: Izinyane elilodwa
Isisindo sokuzalwa: U-5kg
Uhlelo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae
Izimpondo: Wu-64 cm (ingqophamlando kwaba wu-84 cm)
Ukuzala: Izinyane elilodwa liyazalwa noma nini onyakeni (ikakhulukazi ngoNcwaba kuya kuZibandlela), isikhathi sokumitha yizinyanga eziyisishiyagalombili.

Incazelo Yenselo

Izinselo zezimpongo zibanzana kunalezo zezinsikazi. Izimpongo zinkudlwana kunezinsikazi.