Nine-awned Grass

© N.Juergens

Igama

Nine-awned Grass

Igama lesiLatini

Enneapogon cenchroides

Ukusetshenziswa

Lubu wutshali obuqinile obukhula emahlathini anemithi eyomile esondelene, elinganayo, ikakhulu emuva kwesomiso noma lapho izilwane zidla ngokweqile imvelo ingalutholi ithuba lokwanda. I-Nine-awned Grass wutshani obubalulekile ngoba buyakwazi ukuhluma ngokushesha buvuselele impilo ehlathini.

Incazelo

Lobu tshani bukhula buze bube yimitha elilodwa ubude. Isiqu namaqabunga kwembozwe wuboya. Itshakaza iyisixhanti futhi inoboya kanti phezulu iyacija noma igoqane. Lapho kwehlukana khona isiqu namaqabunga kunoboya obubingi obuhlangene.

Indawo ekhula kuyo

Utshani i-Nine-awned grass buvame ukukhula emahlathini napho ukukhula kwenzelo kuphazamisekile. Buyatholakala futhi nasezindaeni ezigudle umgwaqo. Buvame ukukhula ezindaweni ezinesihlabathi nomhlabathi ongavundile emahlathini asogwadule aziwa ngemopane, nasezindaweni ezinamadwala amakhulu.

Izimbali

Izimbali kulobu tshani zibonakala phakathi kukaZibandlela noNhlaba.

Olunye ulwazi

Lobu tshani butholakala eningizimu yeSahara kusuka eSudan kuze kufike eNingizimu Afrika. Buwuhlobo lotshani obubalulekile obubamba umhlabathi ungaguguleki buvuselele nemvelo. Buyakwazi ukusheshe bukhule ngisho emhlabathini ongavundile ikakhulukazi emuva kwesomiso noma lapho izilwane zidle khona kakhulu kwaze kwakhinyabezeka imvelo.