Ngokuvamile Osukwini LukaMengameli Mandela

© Eric Miller

Up Before Dawn Ukuvuka Ngaphambi Kokusa

UMengameli uMandela wayeqala usuku lwakhe ngaphambi kokusa ngo-5.30am-kwenye inkathi entathakusa kuye ngezidingo zakhe-wayezendlulela umbhede bese eyazivocavoca imizuzu ewu-30. Kumbe wayeseCape Town noma ePitoli, wayebasehhovisi lakhe kafushane nje emva kuka-7am ezofunda iposi. Izincwadi eziwu-50 nezingcingo eziwu-45 kwakwemukelwa ehhovisi lakhe nsukuzonke, yize u90% walokhu kwakuyiposi elivela kubalandeli kwakumele kuphendulwe.

Insalela ka-10% yayiphathelene nokukhathazeka kwabantu ngesimo sesizwe nemithetho eyayisishayiwe noma isazoshaywa, izimemo, nezicelo zokuthi asayinele abalandeli noma atholele umsebenzi labo abasuke bembhalele.

Mandela Fanmail Incwadi Yomlandeli kaMandela

Incwadi yomlandeli yaythokomele futhi inobungani, igcwele ukuncoma. Isibonelo seyodwa eyathunyelwa eShell House eGoli-umsizi wakhe wanqaba ukudalula igama lowayithumela ngaphandle kokuthi nje ngowesifazane onegama lesiBhunu- yathunyelwa Nge-Email eya kuPresident@ANC.org.za Isuka: Mrs--- Iya: KuMengameli Indikimba: WENA Wena umkhulu!!!!!! Eminye imilayezo yayithi: ’ “….obhasikidi bothando.’ “…..Awu! Phephisa ngokungasho ukuthi unwele olude…” “Siyakubonga konke okwenzile ukwenzela ukulingana emhlabeni…”

Omunye umlayezo ovela emndenini oseSeattle, eWashington, e-United States wawuzwakalisa “izilokotho ezinhle” kuMengameli wathayisisela nokuthi, “Siyathemba ukuthi uyosivakashela uma uza eSeattle ngokulandelayo”. Iningi lemiyalezo ephathelene nezinkinga zeNingizimu Afrika yayigxile endluzuleni eyayikhona ezweni, indikimba eyayilokhu ivela njalo njalo.

Eminye yayiphathelene nomthetho owawuhlongozwa wokuhushulwa kwezisu neminye imibuzo yezombusazwe yosuku. Eminye imilayezo yayibhalwe ikheli okungeyilo, njengaloyo owawugxeka uMengameli uMandela ngokugxeka izinkonkoni. Kuyacaca ukuthi yayihlose uMengameli uRobert Mugabe waseZimbabwe futhi yadluliswa ngokufanele. Zonke izincwadi zaziphendulwa.

Imihlangano, Inguyazana neMicimbi

Ngo-8am imihlangano kaMengameli yayiqala, ngenguyazana yabanye ongqongqoshe noma izikhulu zikahulumeni nezingxoxo namalunga omphakathi. Isigcawu sasekuseni sasiphela ngo-12.45pm ngesidlo saphakathi nemini, okwakuvame ukuba indlamini yokusebenza.

UMengameli wayeyigwema inyama ebomvu (yize wayehlala ebhekene nenyama kuzo zonke izidlo uma ehambele emakhaya eTranskei noma kwezinye izindawo lapho isiko lendawo lalikhonya khona).

Wayethanda amasalati nezithelo eziphilile, ekunqab’ukudla okusemathinini. Ntambama wayengabasemhlanganweni, esithangamini Sabezindaba noma emicimbini futhi ebusuku kwakungabanemicimbi eminingi, indlakusihlwa esemthethweni ngisho nomhlangano.

Isikhathi sakhe sokulala sasingaba ngo-9.30 noma u-11pm kuye ngosuku lwakhe. Wayenomfutho omkhulu namandla okusebenza futhi wayehlala exwayiswa ngabeluleki bakhe bezempilo ukuthi anciphise imisebenzi yakhe.

Ngelinye lapho enza ifilimu, “A Day in the Life of the President” eyenzela uphiko lomkhiqizo lweWeekly Mail TV, wayesevukile ngaphambi kukaSam futhi esendiza ephuma eSikhumulweni Sezindiza SaseMthatha ngo-5.30.

Emva kokudla kwase kuseni endizeni waqala isiko lakhe lokufunda izincwadi e-Union Buildind ngo-7.pm ngalelo langa wandiza waya eCape Town ntambama emcimbini wakusihlwa kwaNeetlingshof epulazini lewayini eStellenbosch ngaphambi kokuthi abuyele ekhaya eHoughton, eGoli, wase eyalala ngo-11pm. Uhlelo olwalungayikhinyabeza insizwa encane.

Translated by Zoza Shongwe

Nelson Mandela's Beginnings

UNelson Rolihlahla (Madiba) Mandela uyindoda emangalisayo eyashintsha umlando eNingizimu Afrika futhi yaletha intando yeningi esizweni. UNel...more

Nelson Rolihlahla Mandela by Raymond Louw

Ukuphila kwakhe konke uMongameli Mandela ubelokhu eqeqesha indima yokuhola edlala namhlanje. UNelson URohlahlahlahla Mandela (ngesiXhosa, Ro...more