Natal Mahogany

© Shem Compion

Igama

Natal Mahogany [Trichilia emetica]

Igama lesiLatini

Trichilia emetica

Incazelo

Lesi yisihlahla esikhulu esivamile esinikeza umthunzi omkhulu opholile. Amaqabunga alesi sihlahla aluhlalaza ngokucwebezelayo. Sinezimbali ezinokukhilimu nokuluhlaza umbala futhi ezihluma zingamaqoqo ahlangene. Siyakwazi ukumelana namazinga abanda kakhulu asezusika. Isiqu siyashelela futhi sinsundu nangwevu ngokombala.
Lesi sihlahla sinobulili futhi siyakwazi ukukhula size sibe ngamamitha ayishumi-nambili. Umpe yaso uheha izinyosi nezinyoni. Sinezithelo ezinxazonke ezihlephuka phakathii uma sesivuthiwe. Imbewu yakhona ebomvu nokunampisholo idliwa yizinyoni. Ngezinye izikhathi lesi sihlahla siye sihlume izimbali ubulili bazo obuyisilisa.

Ukusetshenziswa

Izimbali zalesi sihlahla ziye zidliwe yizimfene nezilwane ezincane. Abantu baye bacwilise imbewu emanzini, okushiya amanzi ebukeka ngathi ubisi. Ngenye inkathi la manzi aye adliwe nemifino. Izimbewu zidliwa yizinhlobo zezinyoni ezithize. Amafutha atholakala embewini kuye kwenziwe ngawo imithi yokugcoba noma yokwelapha amathambo.
Isiqu esenziwe impuphu kuchathwa ngaso futhi kuyenziwa ngaso udayi ophinki. Izimbali ziqala ukuqhakaza ngoNcwaba kuya kuLwezi. Izithelo zona zitholakala phakathi kwaZibandlela noMbaso. Izinkuni kudwetshwa ngazo, kwakhiwe izinsimbi zomculo, amafenisha nama-canoe.

Zikhula kuphi

Zikhula kuma-woodland avulekile ukusuka eSudan ukuya KwaZulu-Natali.

Lapho ezitholakala khona

Izihlahla ze-Natal Mahogany zitholakala ezifundazweni ezinjengeNothern Province, KwaZulu-Natali.

Olunye ulwazi

Noma izithelo zeNatal Mahogany zidliwa, kubalulekile ukwazi ukuthi umphandle wembewu zinobuthi.