Kungani Ukulima okwemvelo?

© Participatory Guarantee Systems SA

Izinkinga zokudla kwamanje emhlabeni kanye nokuhlupheka kwezimali kuye kwabonisa ukungakwazi kwemikhiqizo yamakhemikhali yezolimo ukunciphisa indlala nokubhubha. Isibonelo, ulimo lwamakhemikhali lunomthelela ekushiseni komhlaba wonke kanye nasekubhujisweni kwemvelo yethu kanye nemithombo yemvelo njengamanzi nenhlabathi.

Ngaphezu kwalokho, le ndlela yokulima okungenashintsho (ukutshala kwesitshalo esisodwa) nayo yabangela ukubhujiswa kwezindlela zendabu zolimo. Kunomhlangano wokuzabalaza okhulayo emhlabeni - 'ukulima okunokukhathalela imvelo' okhankasela indlela ehlukile ekusetshenzisweni kwamakhemikhali. Inhloso ukunika abalimi amandla okuphatha imithombo yabo yemvelo futhi ngaleyo ndlela baphathe imvelo ngendlela eqhubekayo. Ukulima ngokwemvelo sekusohlelweni lapho isitifiketi kanye nenzuzo enkulu yokulima kwemikhiqizo ilokho okubalulekile.

Le ndlela "yokulima ngokwemvelo" ihamba duze nesibonelo sezohwebo lapho inzuzo iyinhloko. Ukulima okungokwemvelo eNingizimu Afrika kugcwele ukuphikisa. Esinye sezimpikiswano isitifiketi sokulima ngokwemvelo siphikisana nemigomo yokunakekela imvelo, futhi ezimweni eziningi, kuyabiza kakhulu kubalimi abancane.

Izinhlangano eNingizimu Afrika, e-India naseBrazil zibheke ezinye izindlela ezifana neSistimu Yokuqinisekisa Ukubambisana (PGS) lapho abalimi ngokwabo beqinisekisa khona okungokwemvelo emikhiqizweni wabo. Lolu hlelo lususa uhlelo lokuqinisekisa ngesitifiketi ephuma esandleni sesithathu okubizayo futhi kubeka abalimi phakathi nendawo bengazinikeza isitifiketi noma uhlelo lwewaranti.

I-PGS ibhekwa emhlabeni wonke njengokungenziwa esikhundleni sesitifiketi ephuma esandleni sesithathu futhi ifaneleka kubakhiqizi abancane. Ngakho-ke ukulima ngokwemvelo kulapho kukhiqizwa izitshalo nezilwane ngokuvumelana nemvelo ngaphandle kokusebenzisa amakhemikhali ayingozi kanye nokusebenzisa imithombo yemvelo ngesb.

Ukukhuthaza ukukhula, ukulawulwa kwezilokazane ezikhathazayo nokuthuthukiswa kwenhlabathi. Umphumela uba yimikhiqizo ephilayo ngaphandle kwamakhemikhali futhi namavithamini angaphezulu angaqukethe izinto eziphilayo eziguquguqukayo (GMOs) - lezi izitshalo, izilwane noma imbewu yokufa equkethe izakhi zofuzo eziye zashintshwa noma zadluliselwa kwezinye izinhlobo.

Translated by Nsika Khoza