Kudu

© Roger de la Harpe

Igama

IKudu [Tragelaphus strepsiceros]

Isakhiwo Sayo

IKudu ibonakala ngokuthi eyesilisa iba nezimpondo ezinde, ezinkulu ezisontekile ezinobude obulinganiselwa ku-1.8m. Lezi zimpondo zayo zikhula ngokwanele emuva kweminyaka eyisithupha. AmaKudu esilisa wona aba makhulu kakhulu kunalawo esifazane. Awesilisa angaba nesisindo esifinyelela ku-300kg, abe made ngo-1.4m kanti awesifazane wona anesisindo esiwu-210kg nobude obuwu-1.25cm.
Avamise ukuba nombala onsundu ngokuphaphathekile noma ngokumpunga, abe nemigqa emhlophe emaceleni ehlukahlukene ngokosayizi nokuma kwayo. Iba nomugqa owu-v esiphongweni namabala amhlophe ezihlathini. Iba nomhlwenga onoboya obude osuka ekhanda uyoshaya ngasemsileni, nangaphansi nasemqaleni kuya esiswini.

Adlani

Lezi zinyamazane zidla izinhlobonhlobo zokudla okubalwa kuzo izihlahla namaqabunga, izitshalo nezinambuzane njalo njalo. Zibuye zidle nenhlaba.

Ukuzala Kwawo

ENingizimu Afrika isikhathi sokukhwela kuba ngoMbasa kuya kuNhlaba. Akuvamile ukuthi azale ngesinye isikhathi okungesona esijwayelekile. Emasontweni amane kuya kwayisithupha amazinyane ayacashiswa, avakashelwe onina ukuyowancelisa. Izinsikazi namazinyane kuba neqoqo lawo eliba namalungu amane kuya eshumini.

Aphila Kanjani

Imihlambi engaphezu kuka-20 ihlukana ibe ngamaqoqo amancane. Amazinyane ahlala nonina, kodwa amaduna azakhela iqoqo lawo wodwa uma esesesigabeni sokukhula, isikhathi esiningi uma eseneminyaka emibili. Izinkunzi zihlangana nezinkomazi ngesikhathi sokukhwela, kodwa zithanda ukuya kwezinye izindawo ngalesi sikhathi. Izinkunzi azinazo izindawo zazo, kodwa uba khona umehluko phakathi kwesezikhululile okuyizo ezibusayo.

Ahlala Kuphi

IKudu ithanda ukuhlala emahlathini acinene, emagqumeni ezintabeni, nasezindaweni ezinezihlahla eKruger National Park naseziqiwini eMpumalanga, eMopane naseMiombo eLimpopo naseMpumalanga Kapa.

Atholakala Kuphi

AmaKudu atholakala ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika, eziqiwini ezijwayelekile.

Imininingwane Ebalulekile

Igama lesiLathini: I-Tragelaphus strepsiceros
Isisindo seyesifazane: Wu-200kg
Isisindo seyesilisa: Wu-250kg
Isikhathi sokukhulelwa: Izinyanga eziyisikhombisa nohhafu
Isibalo samazinyane: Liba linye
Isisindo uma lizalwa: Wu-16kg
Uhlelo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae
Ukuzalana kwawo: Kuzalwa izinyane ngonyaka ehlobo emva kokukhulelwa izinyanga eziyisikhombisa
Incazelo ngezinselo: Zinde futhi zicijile kunezeNyala. Ubude bazo bulingana neze-Wildebeest. Ziba wu-8cm kuya ku-9cm