Itiye ye-Rooibos

© Leonie Joubert

I-Rooibos (Aspalathus linearis) isihlahlana esisandumba esidabuka ezintabeni zaseWestern Cape futhi itholakala eNingizimu Afrika. Ikhula ngamamitha angu-1,5 ukuphakama futhi inamagatsha amaningi amancane anamaqabunga akhanyayo aluhlaza, anjengezinaliti.

Amaqabunga (amagatsha anqunywe ama-50 cm emhlabathini) ayavunwa futhi aqhubekele inqubo yendabuko yokubiliswa okuhlanganisa ukumanzisa nokuhlanza amaqabunga ngamanzi futhi uvumele ukuvutha amahora ayishumi nambili.Ukulumbana neoksijini kwenzeka futhi amaqabunga ashintsha kusuka ekubeni luhlaza kuze kube mnyama. Ekugcineni, i-rooibos isakazwa elangeni ukuze yome.

I-Rooibos eluhlaza (ingenamvubelo) ivunwa, inqunywe bese imiswa masinyane ngaphandle kokubiliswa, okwenza itiye libe nombala ogqamile kunokwedlula i-rooibos yendabuko.

Itiye elingenawo amandla ekhofi libhekisela ekubeni nemithi yokwelapha kuhlanganise nokunciphisa isifo somdlavuza. Kuphephile ukusebenzisa ezinganeni futhi isetshenziselwa ukwelapha izinkwantshu zesisu, ukukhathazeka kwesikhumba kanye nomqubuko. I-polyphenols (amakhemikhali emvelo) ye-rooibos ihlasela ukuvutha, ihlasela amagciwane kanye nokuivimbela ukuguquguquka futhi ingavikela umzimba kusuka kumdlavuza nesifo senhliziyo.

I-Rooibos umthombo omuhle wama-antioxidants futhi iyaziwa ekwelapheni isifo sikashukela ngokulinganisa amazinga kashukela egazi nokuthuthukisa ukumuncwa kwashukela.

Itiye lingasiza ekunciphiseni ukucindezeleka kwegazi, kwenza njengenhlangano ye-bronchodilator ekunciphiseni izinkinga zokuphefumula futhi kusize ekwakheni i-HDL cholesterol (i-cholestorol enhle). I-Rooibos iqukethe i-hydroxy acid ne-zinc (Zn) engasiza izimo zesikhumba ezinjenge-acne ne-eczema futhi zinganciphisa ukushisa kwelanga. Ama-antioxidants e-rooibos anciphisa inqubo yokuguga ngokunciphisa izinto ezilimaza isikhumba ngenkathi amazinga aphezulu e-manganese (i-Mn) ne-calcium (Ca) angasiza ekwakheni nasekulungiseni amathambo.

I-Rooibos itholakala njengotiye, okuthakiwe kanye nensalela (ehlanganiswa emanzini ashisayo noma abandayo) ngezinhlelo zokusebenza ezivela ekusetshenzisweni kwamatiye abandayo, ukwengeza ubunandi kanye nemithi yokwenza ubuso bubukeke.

Lesi sitshalo sihambisana kahle nezimo ezomileyo futhi sithanda inhlabathi namanzi amaningi kanye ne-pH yama-4,5 kuya ku-5,5. Imbewu itshalwe emagqabeni noma izitshalo zingasakazwa ngokutsha izithombo. I-Leafhopper iyinkinga enkulu kanye ne-horsetail, ukhula olukhula eduze ne-rooibos. Lokhu kumele kususwe ngesandla noma ngomshini.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza