Isithombe Esincane Ngomebenzi ka Dkt. Peter Magubane

Kude Neminyaka yo 1950

Asibuyele emuva kwisikhathi sika DktPeter Magubane kude neminyaka yo 1950. Ubeka uphawu lwakhe emhlabeni wonkana. Maduze nje uye wayocoshela umsebenzi wakhe omkhulu nge African National Congress (ANC) esebenzela iphephabhuku iDrum. Umhleli u Tom Hopkinson wanelisekile umsebenzi wensizwa esencane engusokhamera. uPeter ubezoqhubeka asebenze ukudalula izindaba nabanye bababhali be Drum, abenjengo 'Nude "Pass" Parade' belandela udaba yemithetho yamapasi eyayehlisa isithunzi nendlela okwakuphethwe ngayo abantu abamnyama eNingizimu Afrika.

Kunyaka olandelayo, uPeter wakonyeliswa ngokuphuma phambili nakwisigaba sesithathu kumncintiswano wabathwebuli bezithombe. Umthwebulizithombe omhlophe owathatha indawo yesibili wenqaba ukumxhawula isandla. Yize ingcindezelo yayidlebeleka ngalesosikhathi, ikhona lomsebenzi elalingenakuvinjwa lasunguleka. Ngaso futhi lesosikhathi, i-Sophiatown iyoniwa, icekelwa phansi udlame. Kanye neminye imindeni uyasuswa ngesankahlo bayobekwa endaweni yase Diepkloof.

Ucoshela Izindaba Ezehlo Ezazenzeka Umzuzu Nomuzuzu

Phakathi kweminyaka yo 1960 kuya ko 1970, abantu abasha nakwezinye izingxenye zomhlaba bazwakalisa uvo lwabo ngenkululeko ngomuculo kanye nemibhikisho. Lapha emhlabathini wasekhaya, Intatheli engumthwebuli zithombe, manje esicelela kwiminyaka engamashumi amathathu icoshela izindaba zezehlo ezazenzeka umzuzu nomuzuzu njengesibhicongo sase Sharpville – ‘Ngangingakaze ngibone abantu abaningi kangaka abafile’ – kanye nokuqulwa okukhulu kwecala i-Rivonia Trial esebenzela iphephacbhuku I-Drum.

Iminyaka yo 1980 Yamuvulela Iminyango Yasemazweni Aphesheya

Iminyaka yo 1980 yavulela lentatheli ayayingumthwebulizithombe uDkt Peter Magubane iminyango yasemazweni aphesheya. Umsebenzi ayewunikeziwe wokucoshelela izindaba Ikhomishana Enkulu Yenhlangano Yezizwe ngabokufika wasabalala inkabazwe yeAfrica. ‘Ngokuthwebula izithombe ngibenethuba lokubona izindawo eziningi emhlabeni’ uyabeka. Izindaba zobubha nendlala ayezicoshela kwelase Somaliya nase Etopiya kwimiyaka eyishumi ziyethusa uma uzizwa.

Ngaso lesosikhathi usebenzela iphephabhuku i-Time eNingizimu Afrika. Komunye umsebenzi ayewunikiwe waya kocoshela umngcwabo womfundi e Natalspruit ngo 1985. Kuthe kubheduka udlame khona lapho wadutshulwa kayishumi nesikhombisa ngezansi kokhalo ngezinhlamvu zokuzingela. Wabuyela emsebenzini ngemuva kwesikhashana, ngo 1986, waphinde wasindisa umama nendodakazi kwiqulu elaligcwele impi eLeandra.

Umthwebuli Wezithombe Osemthethweni ka Nelson Mandela

Ngo 1990, uDkt. Peter Magubane waqokwa ukuba abe ngumthwebuli wezithombe ka Nelson Mandela ngokumisiweyo okusemthethweni ukushicilela kahle okwakwenzeka singena kuguquko lwentando yeningi kwiminyaka emine. ‘Uhlobo lomsebenzi wezithombe zepolitiki” engangiwenza ngesikhathi besejele yilo elalungiselela indlela yami ukuba ngiqokwe ngokugcwele ukuba ngomthwebuli wezithombe obezolandela uMandela kuze kube isikhathi lapho ayezokhethwa njengoMongameli wase Ningizimu Afrika.

'Ngesasa kakhulu!' Kuhlela u-Peter. Ikuphi okunye umthwebulizithombe angabe esakufuna kunokoqokelwa ukulandela impilo yolungileyo? Kwakumnandi ukuqokwa phakathi kwabaningi abathwebulizithombe ukuba ngilandele lapha lendoda enesibindi yayiya khona. Ngangazi ukuthi kwakufanele ngenze okusemandleni ami onke ukushicilela impilo yakhe ngendlela engangiyibona ngayo, kuze kube izikhathi lapho aqokwa njengoMongameli.

Izibongo Eziqhamuka Emazweni

U-Peter washicilela izincwadi esiyishumi nesithupha, ezintathu zazo zavinjwa eNingizimu Afrika ngeminyaka yo 1970 nama 80s: Magubane's South Africa, Black as I Am kanye ne Black Child. Ngesikhathi somcimbi wokuhlonipha imisebenzi ka Dkt. Magubane kwabekeka ilaka lokuthi izinkampani eziningi zezindizamshini zifinyelela kwencane indawo uma kuqhathaniswa nomsebenzi wemiboniso uMagubane awenza yedwa. Nesihloko somsebenzi wakhe naso besibhebhetheka, kusukela ekunyamalaleni kwamasiko kuya kwisikhathi ngaphambi kokubusa kwentando yeningi eNingizimu Afrika.

Phakathi kwakho konke lokho izibongo nezincomo uPeter azemukelile, ikhona eyodwa azigqajayo ngayo eseshelifini lakhe: i-Order for Meritorious Service Class Il, ayemukeliswa ngowayenguMongamelo uNelson Mandela ngo 1999. ‘sengike ngamukeliswa eminingi imikomelo ngokuba umthwebuli wezithombe, kulelizwe ngeminyaka yo 1950 eminye eyayiphuma emazweni aphesheya kanye nezindodo zokuphumelela impilo yakhe yonkana, kodwa lena engayamukela ku Madiba iyo eyigugu kimi elingebekelwe inani. Uma usunikezwe indodo yokuhlonishwa iphuma kwindoda enjengo Mandela yini enye ongabe usayifuna? Uyamamatheka.

Peter Magubane's Career

uPeter Magubane ngenye yamadoda aseNingizimu Afrika ebungazwayo njengomthwebulizithombe wanyathela kukho konke lokhu. Useke wabamba waphinde...more