Isifo Sokhunta - Eutypa Dieback Nokunamathelayo Okumnyama

© AS Spilmont IFV Winetech

I-Eutypa Dieback

U-Eutypa dieback ubangelwa ukhunta lwa-Eutypa lata. Umphumela uba ukubola kwezinkuni nokufa okulandelayo kwemivini. Isibonakaliso se-eutypa esiphezulu kunazo zonke esivinini ugonothi oncane onamaqabunga amancane. Izithelo zemivini etheleleke kakhulu zingafa futhi amagilebhisi avame ukoma. Izigaba zesitshalo zikhombisa izinkuni ezifile. I-Eutypa ingangena emvinini ngokusebenzisa amanxeba avulekile.
I-Eutypa dieback ingalawulwa ngokusika imivini ngokuqondile emva kokufafaza ngamakhemikhali noma i-Trichoderma. Uma iqala ukuwa ngesikhathi sobusika kumele imiswe ngoba amanxeba okusika amanzi avumela ukufinyelela kwekhunta.Isikele sokusika kufanele ukuthi zonke izinsuku sihlanzwe ngekhemikhali ngaphambi kokusika. Susa zonke izinkuni ezithathelwanayo ngokushesha bese ushisa ukuze unciphise umuthi wokugcaba esivinini.

Okumnyama Okunamathelayo

Okumnyama okunamathelayo kungenye yezifo eziningana zokhunta okwamanje eNingizimu Afrika. Okunamathelayo okumnyama, isifo sePetri noma 'Umvini omncane owehlayo' esivinini konke kubonisa isifo esifanayo. Ukhunta uvela empandeni futhi lesi sifo siqala lapho izitshalo zicindezeleka, isibonelo emva kwenqubo yokuhlanganiswa. Isakazwa ngokusika izihlahla.
Okwamanje akukho ukwelashwa kwalesi sifo, kodwa ukwelashwa kwesitshalo kanye nezimpande ngamanzi afudumele ngaphambi kwenqubo yokuhlanganiswa iveza imiphumela emihle. Lesi sifo singavinjelwa ngezindlela ezehlukene, ngokusombulula izitshalo ezikhula kahle kakhulu. Izimpande ezincane nezimpande akufanele zifinyezwe kakhulu ngesikhathi sokutshala, futhi izimbobo zokutshala kufanele zibe zijulile ngokwanele ukuze izimpande zisakaze.

Translated by Nsika Khoza