Isaqathe

© Louise Brodie
Igama lesayensi: Daucus carota L.
Igama elivamile: isaqathe

Incazelo Yesitshalo

Isitshalo esiqhiyeme esikhula Kanye eminyakeni emibili esinempande njengengxenye edliwayo.

Ukusetshenziswa

Ingabe idliwe iluhlaza noma iphekiwe futhi ingaba umpe.

Izidingo Zomhlabathi Nokulungiselela

Inhlabathi yefenya ejulile, exekethile, ekhenywe kahle. Lungiselela inhlabathi ukujula kwe-600 mm, futhi ukutshala emagqumeni kuyazuzisa. I-pH enhle iphakathi kuka-5,0 kuya ku-6.0. Hlola futhi uphathe nezimpethu uma kudingeka. Uhlelo lokushintshaniswa kwezitshalo lungenziwa lapho izaqathi zitshalwa khona, njalo vundisa ngaphambi kokutshala ngokusebenzisa isivundiso esitshalweni esingu-15cm phezu komhlabathi.

Isimo Sezulu

Izaqathe yizitshalo zenkathi epholile futhi zingakwazi ukumelana noqhwa olinganiselwe futhi zivumelane kahle namazinga aphezulu okushisa angama-28°C nangaphezulu. Ukuvezwa isikhathi eside emazingeni okushisa angaphansi kuka-5°C noma ngaphezulu kwe-30°C kuyingozi ekuthuthukiseni impande edliwayo. Ukushisa okufanele ama-15 kuya kwangu-20 amazingakushisa.

Izinhlobo

I-Nantes, i-Cape Market, i-Danvers, i-Fancy, i-Chantenay, i-Ideal Red, i-Kuroda

Translated by Nsika Khoza