Indawo Yokuhlala yaseMapungubwe National Park

Izindawo Zokuphumula Ezine

©Jacques Marais

Le ngxenye yeMapungubwe iyidili ngokwayo. Indawo yokuhlala emnandi! Wonke amakamu okuphumula amane asanda kwakhiwa, futhi imiphumela iyamangalisa. Akunazakhiwo zophahla lotshani. Ikamu ngalinye linomklamo nokuzwakala kwalo, futhi abakhi baye bazama ukuqinisekisa ukuthi izinto zokwakha zihambisana kahle ezweni elizungezile.

Ukuzwelana nokuhambisana phakathi kwezakhiwo ezakhiwe kanye nemvelo ingenye yezibonelo eziphumelele kakhulu engiyibonile. Ngaphakathi kwezakhiwo, kukhona ukunakwa okuqabulayo ngemininingwane, futhi ikamu ngalinye lihluke kwamanye. Yonke indawo yokuhlala yilezi zindawo okumele uziphekele ukudla futhi ipaki ayinakho ukudla noma izitolo kulesi sigaba.

Ikamu yeLeokwe

©Roger de la Harpe

Leli ikamu elikhulu lokuphumula, futhi liseduze nendawo yokubona imbaxa (confluence view site) kanye nendawo yokuzifihla ukuze ubuke izinyoni esihlahleni (Treetop Hide). Itholakala ngaphansi kwesigodi sochobe, esigcwele amatshe abomvu, agugekile aphakama ekamu.

Umqopho ulandela umzini weVenda, futhi izindonga zihambisana ngokuphelele nendawo ezungezile. Ikamu liphethe igumbi lokubhukuda elincanyana, engasemadwaleni, indawo yokosa nendawo eyisicaba yelanga. Kuye kwakhiwe isitolo esincane, kodwa sasingakavuli lapho ngivakashele. Ngitshelwe ukuthi isitolo sikhona sezinto eziyisisekelo, njengamalahle, amafutha neziphuzo ezibandayo, kodwa ungalindeli ukukhetha okubanzi.

Ikamu Ehlathini Enetende yeLimpopo

Njengoba ikhona phakathi kwehlathi elincane elinamanzi olwandle olusentshonalanga, leli kamu liseduze nomfihle wezinyoni zaseMaloutswa. Nakuba ungaboni umfula, ikamu elinetende liyikhaya ezinkulwaneni zezinyoni nezinye izidalwa zasezihlahlenil.

Ngesikhathi ngisekhona, izinkawu ezihlalayo bezeqa emthini ukuya esihlahleni. Ngangempela bengiyesaba kakhulu! Noma kunjalo, izindawo ezizungezile zithulile futhi zilungele ukubuka izinyoni.

Ikamu Yehlane yase Vhembe

©David Fleminger

Lokhu cishe ikamu lami eliyintandokazi. Ikhona ezindaweni zasempumalanga yepaki, kude nento yonke. Kunezindlwana ezakhiwe ngezingodo ezine kuphela ekamu, ezakhiwe emaphethelweni odonga elubheke isigodi esincane esinezihlahla. Akukho ugesi futhi ikamu isebenzisa amandla elanga endaweni ka gesi.

Ikamelo ngalinye liqukethe imibhede emibili, indlu yangasese, ishazi kanye nompheme ovulekile ngombono omuhle. Kukhona ikhishi lomphakathi, indawo yokudlela ne-lapa esetshenziswa izindlwana ezine. Kukhona nedamu elincane lokubhukuda, elifihlekile emadwaleni ngenhla kwekamu.

Indlwana ye-Tshugulu

©Roger de la Harpe

Lena inketho yokuzitika. I-Tshugulu iyindawo yokulala ehambela izivakashi ephethe okuhle kuphela okusizengeni eniphezulu. Itholakala engxenyeni esentshonalanga yepaki, phakathi kwamadwala amakhulu amaningana. Lamadwala abomvu ngokuqinisekile mahle kakhulu.

I-Tshugulu inendawo yokubhukuda enkulu kunazo zonke epaki, futhi inikeza izivakashi ubusuku obukhululekile bokulala ebunzini bamatshe nendawo enkulu yokugeza. Amayunithi onke anamanethi omiyane nokulawulwa komoya okuhle. Kukhona amakamelo ayisithupha, futhi indawo yokulala ingakwazi ukuhlala abantu abayishumi nambili. Ikhishi elihlonyelwe ngokugcwele liyatholakala, namafriji amakhulu.

Indawo Yokuhlala Uzinakekele Nokuziphekela eMapungubwe

Zonke izakhiwo eMapungubwe umuntu ngamuye uyaziphekela. Ipaki yesizwe eMapungubwe inesitolo lapho ungathenga khona izinto eziyisisekelo, kodwa kungcono ukufika ngokuphelele, ngakho-ke uma ushoda amaqanda, awudingi ukushayela amakhilomitha angamashumi ayisikhombisa uya e-Alldays noma e-Mussina ukuze uthole okwengeziwe.

Izivakashi zansuku zonke, kukhona indawo yokudlela enokudla kwasekuseni nokuncane, futhi kukhona nezindawo zepikiniki lapho ungaya khona futhi wose. Ungakwazi ukuqasha ugesi wokosa endaweni yepikinikini, kodwa ngeke ukwazi ukuthenga izinkuni. Ukwamukelwa esangweni elikhulu kunefriji namanzi, ijusi yezithelo neziphuzo ezithambile.

Zonke izindlu zokulala ebusuku zihloselwe ukuzitholela ukudla. Igumbi ngalinye liphethe ikhishi elihlomele ngokugcwele nako konke: i-microwave, isigazangasinkwa, i-friji, isitofu, i-ovini njalo njalo. Izikhali zokudla, izimbiza namapani konke kuhlanganisiwe. Okumele ulethe ukudla, iziphuzo kanye nezinkuni. Amanzi kampompo epakini angamanzi (lokho kusho ukuthi ungawaphuza), kodwa kunambitheka kancane kancane. Uma unesisu esibucayi, mhlawumbe umqondo omuhle ukuletha amanzi amaningi, noma ubhiya njengoba kungenzeka.

Translated by Nsika Khoza