Iminyaka Ezayo kaWinnie Mandela

Ukuqhubeka ngmikhankaso

©Eric Miller

Ngemuva kokuthi ubandlululo luqedwe futhi iKhomishana yeQiniso nokuQinisekisa (TRC) yaqala ngo-1996, uWinnie Mandela wabizwa ukuba akhulume ekuhlaselweni nasekubulaweni okwenziwa I-Mandela United Football Club (MUFC), esungulwe ngaphansi kobuholi bakhe. Ngemuva kokuba uMbhishobhi omkhulu uDesmond Tutu emncenga ukuba enze kanjalo, uWinnie waxolisa emindenini kaStompie Seipei no-Abu Baker Asvat, bobabili abayizihlatshelo ze-MUFC.

Emva kwalokho waqhubeka emkhankasweni wakhe wezinkinga ezimele. Waya eZimbabwe ngo-2000 ukusekela izimbangi zempi zaseZimbabwe ezithatha imfuyo namapulazi abantu abamhlophe. Wabuye wasekela isikhalazo sama-antiretrovirals amahhala (ama-ARV) kubantu abanegciwane le ngculazi. Ngo-2007 wakhethwa kwiKomidi eliPhezulu lika-ANC futhi ngonyaka ka-2009 wabekwa ngjengowesihlanu ohlwini lwamalungu e-ANC akhethiwe ePhalamende.

Kukhunjulwa Ngomnikelo Wakhe

©Eric Miller
UWinnie Mandela ushone ngo-2 Ephreli 2018 eneminyaka engu-81 ubudala, ngemuva kokugula isikhathi eside. Wazungezwe umndeni nabathandekayo lapho edlula. Uyakhunjulwa ngokubambisana kwakhe okukhulu ekukhululweni kweNingizimu Afrika embusweni ocindezelayo wobandlululo. Owesifazane oqinile onamandla amakhulu, ungomunye walabo besifazane esibagubha kumlando waseNingizimu Afrika.

UWinnie Uhlonishwa

©Eric Miller

UWinnie Mandela uhlonishwa kakhulu ngomnikelo wakhe ekukhululweni kweNingizimu Afrika ekubandlululweni ngokohlanga. Kubantu abaningi uyingxenye yobuso bezinhlangano zokukhulula okuye kwaholela ekutheni abaningi basungule izenzakalo ezihlonishweyo.

Phakathi kwemiklomela ekhethekile anikezwe yona yilokhu okulandelayo: Freedom of the City of Aberdeen (1984) United Nations Prize in the Field of Human Rights (1988) The Order of Luthuli in Silver (2016) Ngemuva kokushona kwakhe ngo-2018, uWinnie Mandela wathola umngcwabo wombuso e-Orlando Stadium eGoli. Le nsizakalo yaba nezinkulungwane zabantu, abahlonishwayo bezombusazwe phakathi kwabo, futhi ukuhlonishwa kwakhe kwalethwa uMongameli uCyril Ramaphosa.

Translated by Nsika Khoza

UWinnie Mandela

UWinnie Madikizela-Mandela ukhunjulwa kakhulu ngokuba "uMama wesizwe" kanye nezinkinga ayehlangabezane nazo njengonkosikazi kaNelson Mandela...more