Common Finger Grass

© Johan Wentzel PhD

Igama

Common Finger Grass

Igama lesiLatini

Digitaria eriantha

Ukusetshenziswa

Lobu wutshani izilwane ezikwaziyo ukubudla futhi baziwa njengotshani obunomsoco kakhulu obutholakala emadlelweni eningizimu ye-Afrika. Lobu tshani buhlala bukulungele ukudliwa yizilwane kuze kube phakathi nobusika. Buvamise ukukhiwa bugcinwe ukuze kondliwe ngabo imfuyo ezindaweni ezikhahlanyezwe yisomiso.

Incazelo

Lobu tshani bungakhula buze bube yi-1.8m ubude. Bukhula bube yiziqundu ezihlangene ezinamaqabunga angamamilimitha ayi-14 ubukhu. Intshakaza ikhula iqhakaze izimbali ezintathu kuya kweziyishumi-nanhlanu ezinamagwagwa amabili noma amathathu abonakalayo phezulu.

Indawo etholakala kuyo

I-Common Finger kondliwe ivame ukukhula ezindaweni ezinesihlabathi, nasemhlabathi ongavundile, ezindaweni ezomile nasemaxhaphozini asezindaweni ezithola imvula enkulu. Lobu tshani butholakala cishe kuzo zonke izindawo eziseningizimu e-Afrika.

Izimbali

Lobu tshani buvame ukuqhakaza izimbali ngoMasingana kuya kuMbaso.

Olunye ulwazi

Utshani i-Common Finger grass buhlukahlukene ngezinhlobo eziningi ezitholakala ezindaweni ezehlukene. Ezinye zalezi zinhlobo kubalwa i-Smuts Finger Grass, Digital Grass nePongola Grass.