Cape Cormorant
Umphishamanzi waseKapa

© Shem Compion
Cape Cormorant.

Igama

Umphishamanzi waseKapa

Igama LesiLatin

Phalacrocorax capensis

Umndeni

Phalacrocoracidae

Ubude

64 cm

Indawo

Lezi zinyoni ziyabonakala zihamba ngazodwana noma nemihlambi. Zibuthana esiqhingini.

Ukukhala kwazo

Azenzi msindo.

Ukuzalela

Ngesikhathi sokuzalela kusukela ngoMandulo kuya kuNhlolanja ziba mnyama zonke. Zakha izidleke zazo ngokhula lasolwandle nezinti. Amaqanda aba mabili noma mathathu kanti amhlophe njengomcako.

Ukuchazwa kwephuphu

Amaphuphu omphishamanzi waseKapa ansundu ngokushubile bese ephaphatheka esiswini.

Ukuchazwa kwekhulile

Ekhulile ezalelayo ibonakala ngezimpaphe ezicwebezelayo ezimnyama sakuba luhlaza njengotshani. Ikhanda alinasiqhova inomlomo oqanda sakubaphuzi emsukeni kanjalo namehlo athi mawabeluhlaza njengotshani. Engazaleli ikhanda libushelelezi futhi liyakhazimula yase iba nesiqhovana ngokuvamile.

Isimo sayo

Iyisakhamuzi esivamile noma esiyinsada.

Ukusabalala kwayo

Iyisivakashi ogwini lwaKwaZulu-Natali. Iyinsada futhi ogwini lwaseKapa oluseningizimu-ntshonalanga kuze kufike kumakhilomitha angama-50 ngaphandle kolwandle.