Baobab
AmaBaobab

© Peter Delaney

Incazelo

Ama-baobab yizihlahla ezinkulu eziyisihlanu ukuyakuma-20 wamamitha ubude. Lesi sihlahla yisihlahla esingajwayelekile esitholakala ezindaweni ezisezansi e-Afrika nase-Australia. Siyakhula sibe sikhulu futhi i-carbon dating ibonakalisa ukuthi lolu hlobo lwesihlahla lungaphila iminyaka eyizi-3000 ubudala. Kunesihlahla se-baobab esise-Zimbabwe okuthiwa sikhulu ngalolu hlobo lokuthi kungahlala abantu abangamashumi amane ngaphakathi kuso.
Ezinye zalezi zihlahla ziye zisetshenziswe njenge zitolo, amajele, imizi, nezindawo zokugcina ukudla.

Lenhlobo yezihlahla yehluke kakhulu kunezinye. Isiqu salesi sihlahla siyashelela futhi siyakhanya, asifani nhlobo neziqu zezinye izihlahla. Ngokombala si-phinki ngokungathi ungwevu noma unsundu. Uma sesingenamahlamvu, amagatsha e-baobab abukeka sengathi yizimpande ezibheke phezulu. Kunzima ukusibulala lesi sihlahla. Noma ungasishisa, usihlube, usinqume, kuphinde kumile isiqu esisha bese siyaqubeka sikhule. Uma sesizifela, sivele sibole ngaphakathi, bese siyawa, sishiya ngasemuva i-fibre eningi.

Lokhu kwenza abantu bacabange ukuthi lesi sihlahla kasifi, kunalokho sivele sinyamalale. I-baobab endala iye iqale imvelo yayo. Iba wukudla ezilwaneni eziningi, ezinkulu nezincane ezimana zilokhu zingena ziphuma emiklomeni yayo. Izinyoni zakha izidleke kumagatsha alesi sihlahla. Izimfene zidla izithelo zaso kanti ama-bushbabies namalulwane athanda i-nectar yaso. Izindlovu zona zaziwa ngokusinquma bese ziyasidla sonke. I-baobab encane yehluke kakhulu kwendala.

Yingakho abathwa bekholelwa ukuthi kayikhuli njengezinye izihlahla ngoba uma seyindala siyawa, bese iyanyamalala.

Izimbali nezithelo

I-baobab yisihlahla esikhulu esinezimbali ezimhlophe ezivuleka ebusuku kuphela. Izithelo zalesi sihlahla zikhula zibe ngangonyawo ubude, futhi zine-tartaric acid nesakhamzimba okuthiwa u-vitamin c. Lesi sithelo singafakwa emanzini sibe yisiphuzo.

Ngenye inkathi siyosiwa ebese kuba yisiphuzo esifana nekhofi. Izithelo zalesi sihlahla akuyona kuphela into esetshenziswayo. Isiqu saso siye senziwe izintambo, omata, obhaskidi nezindwangu zamatafula. Amahlamvu wona ayabiliswa adliwe kanti i-pollen kwenziwa ngayo i-glue.

Ukusetshenziswa

I-fiber etholakala esiqwini se-baobab kwenziwa ngayo izintambo, obhaskidi, izindwangu, izinsimbi zomculo nezigqoko ezingangenwa ngamanzi. Ukuhlutshwa kwesiqu esikhathini esiningi kuyayazibulala izihlahla, kodwa i-baobab yona kayifi, kunalokho ivele ihlume kabusha. Amahlamvu e-baobab amasha adliwa njenge mifino (spinach), kodwa futhi aye enziwe imithi yokulapha izinso, isinye, i-asthma, izilonda nezinye izifo. Izithelo zakhona eziconsisa amathe, nembewu, ziyadula ngoba kwenziwa ngazo i-glue.

Izinganekwane zendabuko

Izizwe zaseZambezi zikholelwa ukuthi ngenkathi ilizwe laliselincane ama-baobab ayeyizihlahla eziqotho futhi eziziqhenyayo. Kodwa ngoba zaye aaqala abukela ezinye izitshalo phansi, lokhu kwenza uNkulunkulu athukuthele wazithatha lezi zihlahla wabhekisa amakhanda azo phansi. Yingakho-ke uma amagatsha azo engasanamahlamvu abukeke sengathi yizimpande ezibheke phezulu.

Izimbali zalesi sihlahla zizingelwa yimimoya emibi. Kuthiwa umuntu oke wasivuna uye adliwe ngamabhusesi. Kune-baobab eseZambia okuthiwa ihlala isipoki senhlwathi. Ngaphambi kokuthi kufike abelungu, kuthiwa le nhlwathi yayihlala esuqwini esingenalutho ngaphakathi. Abantu babeye baye kusona beyokhuleka, becela imvula, izitshalo ezinhle, ukuzingela okuhle, nokunye. Kuthies le nyoka enkulu yayiye iyiphendule imikhuleko yalaba bantu. Kuthiwa umlungu wokuqala ukuzingela wayidubula leyo nyoka, lokhu kwaba nemiphumela emibi.

Ebusuku makuthulekile, abantu bale ndawo bathi baye bayizwe le nyoka uma iphanga kuleso sihlahla. EKafue National Park eZambia, kune-baobab eyaziwa ngokuthi yi ‘Kondanamwali’ – isihlahla esidla amatshitshi.

Kunamantombazane amane ayethandwa yilesi sihlahla. La mantombazane ayevame ukuhlala emthunzini waso. Ngelinye ilanga kwafika isikhathi sokuthi ashade, lesi sihlahla esikhulu saba nomona. Ngobunye ubusuku, lapho izulu laliduma khona, lesi sihlahla savuleka sawathatha la mantombazana. Kunedawo yokuphumula eyakhiwe kumagatsha alesisihlahla. Uma liduma izulu, kusuke kuyisikhalo salawa mantombaza avimbeleke ngaphakathi kwalesi sihlahla.

Elimpopo kunenkolelo yokuthi uma umfana omncane egezwa ngamanzi e-baobab ayakhula abengamadoda amade kakhulu. Ezinye zalezi zinkolelp zivunwa ngososayensi. Abesifazane abahlala kumafamu lapho ama-baobab emaningi khona, bavame ukuba nezingane eziningi, kunabesifazane abangahlali ezindaweni ezinama-Baobab.

Lokhu kwenziwa wukuthi badla isobho elenziwe ngamahlamvu e-baobab anamavithamini amaningi. Lokhu kuvala zonke izikhala zamavithamini ashodayo ekudleni kwabo. Odokotela bayavuma ukuthi lokhu kwenza izinga lokuzala libe phezulu.

AbaThwa base-Afrika bona bakhuluma ngoNkulunkulu wabo abathi nguThora. Bathi wayengasifuni nhlobo lesi sihlahla esasikhula engadini yakhe, ngakho-ke wasithatha wasijikijela ngaphandle kwebonda lasePhaladesi esiphonsela emhlabeni, lapho safika khona sawa sibheke phansi, sasesikhula siminjalo. Ngakho-ke akumangazi ukuthi lesi sihlahla sinezinkolelo ezihlobene naso.

Abanye abantu bakholelwa ukuthi uma udle imbali ye-baobab uzodliwa yibhubesi, kodwa uma ngabe upheze amanzi ayo, uzophepha ezingwenyeni.

Zithola kuphi

Ama-baobab atholakala emabhandini angaphezu kwe-Afrika. Ayakhula futhi eMadagascar, India, Ceylon nase-Australia. Akhula ezindaweni eziningi zaseZimbabwe. Esifundazweni sasenyakatho atholakala ngaseLimpopo naseZouthpansberg. IMusina yidolobha lama-baobab. Kune ‘halfway baobab’ edumile etholakala eLouis Trichardt naseMusina. Le nhlobo yezihlahla itholakala ezindaweni ezisemathafeni anenhlabathi.