African Rhino
Ubhejane

© Roger de la Harpe

Isingeniso

Ubhejane ubonakala kalula ngophondo lwawo olulodwa ebusweni kanye nomlando wawo ojulile. Ubhejeni isilwane esinesibindi esimangazayo, uke utholakale udla utshani eduzane namabhubesi, namabhubesi nawo avele axakeke. Ukubalwa kobhejane ngengxa yezimpondo zabo yisona sizathu esesidale ukuthi lehle kakhulu inani labo ezweni.
EKruger National Park kutholaka izinhlobo ezimbili zobhejane iWhite rhino etholakala ezindaweni ezingamahlathi phakathi kwemifula iSabie ne Crocodile river ibe ivelakancane eShigwedzi nase Letaba. Kuthi inhlobo yesibili iBlack rhino uyithola endaweni enezihlahla ezinameva eningizumu leKruger maduzane neSkukuza Kanye nePretoriuskop iphinde itholakale ezindaweni ezisenzansi eduze kwe Crocodile bridge.

Balala kanjani obhejane

Ubhejani uyalala umile noma ulale phansi, ukwazi ukulala amahora ayisi-8 ahlukene ngosuku. Kuyenzeka uthi ukuhlephula ubuthongo phansi kwezihlahla uma ilanga libasile. Uma uzolala ubuthongo obude ubuso ububhekisela ngasohlangothini olulodwa. Balala bazumeke okwenza kubelula nokusondela eduzekwabo lapho belele.

Ubhejane ukugcina kanjani ukuphola emzimbeni?

Umakushisa uBhejane uphumula phansi komthunzi wesihlahla noma uthole udaka ongazipholisa ngalo. Udaka alusebenzi ukupholisa umzimba kuphela kowa uvikela iskhumba ezinambuzaneni nokuthi singashiswa ilanga. Ubhejane uba matasa kakhulu ebusuku ngoba kupholile. Uphuza amanzi isikhathi esiningi uma etholakala eduzane.

Uphundo lukabhejane lwakhekekani futhi kungani liyinyama kangaka?

Alwakhekanga ngembumba yoboya njengokwezinsolo zangaphambidlana, lakhiwe ngezithako ezikhiqiza izinzipho kumuntu nezinselo. Abantu abafuna lezimpondo bazisebenzisela ukwenza amakhambi thizeni kwelaseYemen. Basebenzisa izimpondo njengezikhwama zokuphatha umbese abawupha amadodana abo asanda kungena ebudodeni.

Ubonakala kanjani umehluko phakathi kwewhite rhino neblack rhino?

Lezi zinhlobo zobhejane azihlukile ngemibala njengamagama azo. Umehluko ubonakala ngemilomo, iWhite rhino inomlomo obanzi kuthi iBlack rhino wakheke sengathi uyihhuku. iWhite rhino ibudla sakubushemula utshani, kuthi iBlack rhino idla inikizise ngexa yomehluko okhona emilonyeni yabo. Ziyahluka nangesisindo semizimba iWhite rhino iyona enkulu ngomzimba.