Whitethroated Monitor
Igama Elijwayelekile
I-White-throated Monitor (Varanus albigularis albigularis)
Imininingwane Ebalulekile
Isigaba: Reptilia
I-oda: Squamata
Umnden: Varanidae
Ubude: Wu-400m kuya ku-500 mm
Uhlobo
I-White-throated Monitor [V. a. Albigularis], i-Angola White-throated Monitor [V. a. Angolensis], i-Eastern White-throated Monitor [V. a. Microstictu]
Babonakala Kanjani
Wuxamu onomqala omhlophe, onezitho eziyizigqunswana. Ikhanda linekhala eliyisidavazi, Umabhadubhadu aphaphathekile amahlanu kuya kwayisithupha kwesingezansi.
Itholakala Kuphi
Itholakala kuzo zonke izifundazwe ezindaweni eziwugwadule nezisagwadule, kodwa awekho eNtshonalanga Kapa. Iyatholakala nakwezinye izindawo ogwadule empumalanga Afrika.
Ukuzala
Ekuqaleni kwehlobo zizalela amaqanda ayisishiyagalombi kuya ku-51, kuye ngobukhulu besifazane. Amaqanda achanyiselwa emva kwezinsuku eziwu-110 kuya kweziwu-120.
Zidlani
Zidla amashongololo, amabhungane nezintethe.