Filefish
Igama Edume Ngalo
I-Filefish
Amanye amagama
I-Foolfish, I-Leatherjackets noma I-Shingles
Igama Lesayensi
Monacanthidae
Usayizi
Ifikela ku 110 cm, kepha ijwayeleke ukuba ngu 20 cm.
Ibonakala ngani
Ingxenye yomzimba ongaphambili ijulile okuyenza ibukeke njengonxantathu. Inomzimba oyisicaba. Inomgogodla omude. Inomsila omfishane. Ikhanda linomlomo omncane namazinyo amancane acijile phambili. Ingashintsha umbala ukuzifihla ezitheni zayo nokuyilekelela ekuzingeleni ukudla. Eyesilisa inemibala ehlukile kowesifazane.
Imininingwane
Umndeni weMonacanthidae uhlukene izigaba eziwu-31 ezahlukene ka-95. Itholakala eduze kwamatshe nasechwebeni noma emifantwini yamadwala. Izinhlanzi ezincane zicasha ngaphansi etshanini olwandle. Zitholakala zihamba ngazimbili. Isikhumba sayo le nhlanzi siyahhuhluzela, okwenza ithole leligama le-Filefish. Amaqanjana ale nhlanzi atholakala phansi kolwandle. Amaqanda avikelwa abazali bobabili.
Idlani
Idla izinhlobo ezehlukene zokudla kusukela kulwelwezi kuya etshanini obutholakala ekujuleni kolwandle nezinhlobonhlobo zezinhlanzi ezincane ezingenamgogodla ezintanta emanzini.
Itholakalaphi
Itholakala kuzo zonke izimo zezulu zasolwandle emhlabeni.
Uhlobo Olufanayo
I-Blacksaddle mimic filefish (Paraluteres prionurus)
I-Harlequin filefish (Oxymonacanthus longirostris)
I-Honeycomb filefish (Cantherhines pardalis)