Crabs
Inkalankala

© Shem Compion

Igama Elijwayelekile

Inkalankala

Igama Lesayensi

Brachyura

Ubukhulu

Isukela ku-5mm kuya ku-4m.

Ibonakala Ngani

Inomzimba omise okweqanda nemilenze emihlanu. Imilenze yokuqala imise okwezidladla ezinobukhulu obungalingani. Umhlane wayo mfishane, uyashesha ukuhlukana ngasesifubeni. Amehlo akhona amise okwezinti, kanti angadoncuka kalula. Imibala yayo ihlukahlukene, kukhona obomvu, onsundu, omhlophe, owolintshi, omnyama, ompofu, ompunga bese kuba oluhlaza satshani. Ezinye ziba namachashaza ahlukahlukene.

Imininingwane

AmaBrachyura yizinhlobo zezinkalankala ezingenawo umsila obonakalayo. Zingaphansi kwamaPleocyemata (okubalwa kuzo izinkalankala, izikhuphasha nezinye). Ezikhathini eziningi zihamba sakukekela. Zicasha emigodini naseminkenkeni yamatshe. Eyesifazane ifukamela amaqanda ngezinyawo zayo zokugwedla aze alungele ukuchanyiselwa.

Ezukudlayo

Zidla izitshalo zasemanzini, imisundu, izilwanyana ezinamazinga ethambile, izikhunta, amagciwane namabibi.

Zizalana Kanjani

Zizalana ezindaweni ezifudumele nezipholile emifuleni nasolwandle.

Izinhlobo Zazo

I-Clown crab - Platypodiella spectabilis
I-Ghost crab - Ocypode ryderi
I-Pebble crab - Leucosia anatum