Blue Duiker

© Roger de la Harpe/Africa Imagery

Igama

I-Blue Duiker (Philantomba monticola)

Ukubukeka

I-Blue Duiker yisilwane esincane sase mningizimu Afrika. Ubude bayo ngama 300mm emahlombeni, isisindo semazi ngu 4.7kg, inkunzi ngu 4kg kuphela. Isikhumba sayo ngathi siluhlaza njenge sibhakabhaka entayeni. Bobubili lobulili bunamaphondo amafushane futhi abukhali ekungalula ukuwabona ngoba asithwe uboya.

Ukudla

I-Blue Duiker idla amahlamvu, izithelo, nezimbali zasehlathini.

Ukuzala

Lesilwane asinasikhathi esikhethekile sokuzala, sizala noma yinini onyakeni. Kuthatha izinsuku ezingama 210 ukuthi sibene chwane.
Ichwane le Blue Duiker isisindo salo ngu 400gm. Nge sonto lokuqala lizelwe ichwane, umama walo ulibeka endaweni efihlekile. Mangabe selillidala lilungele ukuthi nalo lingaqala umndeni walo, lapho izinsuku sezingama 388, liyakhishwa lihambe liyozimela.

Zitholakala kuphi

I-Blue Duiker itholaka ezindaweni eziningi, ikakhulukazi e Eastern Cape nase West Africa. Lezilwane zibalwa nje nge zilwane ezingajwalekile emningizimu Afrika.
I-Blue Duiker idume ngokudla amaqanda ezinyoni ne zinambuzane, ngakho ke azinakudla okuthize ezidla kona kuphela. Kodwa ukudla ezikuthandayo kakhulu yizithelo. I-Blue Duiker yona idliwa Ukhozi, ikakhulukazi Ukhozi omqhele.