U-Albertina Sisulu - Umama wesizwe

© Eric Miller

Ngemuva kokuba u-Albertina washada noWalter, wagxila ezinxusweni zakhe zezombangazwe. Ngesikhathi ecashile eyohamba noMkhonto WeSizwe (iphiko lezempi le-ANC) waba ngumnakekeli womndeni. Ngeholo lakhe lobuhlengikazi wanakekela izingane, abantwana abamukelwayo kanye nabashana bakhe. Naphezu kwezinsizakalo zakhe ezilinganiselwe, wagcizelela ukuthi zonke izivakashi zidle kahle nokuthi ikhaya lakhe kanye nensimu ibe sesimweni esifanele.

Obaba abaningi baphoqelelwe ekudingisweni noma beboshwe phakathi nonyaka wobandlululo. U-Albertina Sisulu wenyuka waba umama wesibili kubantwana babangani bakhe ababengakwazi ukuhlala nemindeni yabo. UDali Tambo, indodana ka-Oliver Tambo, wayengomunye walezingane. "Wanginika uthando olungenamthetho. Ungibize ngokuthi ndodana yakhe, ngambiza ngokuthi mama wami futhi umama wesibili," esho kanje.

Ngesikhathi uNelson Mandela nomyeni wakhe beboshiwe eRobben Island wanakekela izingane zakhe ndawonye nabantwana bakhe. Imindeni yabelana ngesibopho esiqinile esahlala iminyaka eminingi. U-Albertina wahlala esondelene noMandela ngisho nangemva kokushona komyeni wakhe futhi wayengomunye wabantu bokuqala abamvakashela lapho egula.

Translated by Nsika Khoza

Ifa lika-Albertina Sisulu

U-Albertina Sisulu, owaziwa ngokuthi uMama weSizwe noma uMa Sisulu, uyaziwa ngokuba ngumshushisi waseNingizimu Afrika olwa nobandlululo kany...more

Nelson Mandela and South Africa's Famous Ladies Luncheon by Raymond Louw

Kwakunzima ukufunda imicabango kaNelson Mandela. Wayengumngane ofudumele futhi ohloniphekile edilini lesidlo endaweni yakhe yokuhlala, uMahl...more