Soapfish

© Johan Boshoff

Igama elijwayelekile

Soapfish

Igama lesayensi

Grammistidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-40 cm, ngokujwayelekile kuba wu-15 cm.

Isakhiwo Sawo

Umzimba omncanyana oqinile. Umlomo omkhulu ovulekela ngezansi. Imisila yakhona ivamise ukuba umgunqulu. Izigwedlo zasesifubeni nazo ngokuvamile ziba wumgunqulu. Imibala yawo ivamise ukuba ngoluhlaza sasibhakabhaka ngokugqamile, imithende ephuzi, omnyama, omhlophe, osiliva noluhlaza sasibhakabhaka.

Olunye Ulwazi

Umndeni omncane we-grammistidae unezizukulwane eziyisikhombisa nezinye izinhlobo eziwu-28. Avame ukuhamba ngamaqoqo izikhathi eziningi. Uma ediniwe, akhipha uketshezi olusamafinyila olushibilika njengamagwebu ensipho. Akhonze ukuhlala ezingoxeni. Uhlobo lwawo oluningi luzingela kakhulu ebusuku. Luvame ukubonakala luzingela nofishi abakhulu. Azalela emanzini.

Ukudla

Adla ofishi abancane nezikhuphashe.

Ukusabalala Kwawo

Atholakala kuzona zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo Oluvamile

Goldribbon soapfish (Aulacocephalus temminckii)
Sixstripe soapfish (Grammistes sexlineatus)
Snowflake soapfish (Pogonoperca punctata)