Moray Eels

© Johan Boshoff

Igama

Moray eels

Ezinye Izinhlobo

Leopard, Green, Starry, Black cheek, Guinea fowl, Black blotched, Golden, Zebra

Scientific

Muraenidae

Ubude

Ingakhula ize ngamamitha mane.

Ibonakala Ngani

Inomzimba oyisibaca, onenyama eningi. Inomlomo omkhulu namazinyo acijile abheke emuva. Kayinazo izegece (scales) nama-fin okugwedla efubeni. Ine-fin eyodwa ehlangene esuka ekhanda yehle njalo iyophuma emsileni. Imibala iyashiyana kusukela komhlophe kuya komnyama, omabalabala.

Ulwazi Olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Muraenidae unemikhakha eyi-13 nezinhlobo ezingama-200. Le nhlanzi ivame ukuhlala ezikhaleni zamadwala aqhayekile nasezindaweni ezinamadwala aphakeme ogwini lapho amagagasi eshaya khona abuyele emuva. Le nhlanzi inekhono lokuhogela futhi inemihlathi nasemphinjeni, okuyiyo esiza ukubamba ukudla ikwedlulisele esiswini. Ezinye zalezi zinhlanzi zinobuthi esikhunjeni. Inabo nobuthi emazinyweni ebusebenisayo uma iluma. Uma izala amaqanda iyawasaphaza olwandle.

Ukudla

Idla izinkalankala, amashebenisi, izinhlanzi nengwane.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga aphezulu.

Izinhlobo Ezejwayelekile

Giant moray eel
Gymnothorax javanicus
Honeycomb moray eel
Gymnothorax favagineus
Geometric moray eel
Siderea grisea