Knifejaw

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Knifejaw

Isidlaliso

i-Beakfish

Igama Lesayensi

Oplegnathidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-90cm, ngokujwayelekile kuba wu-50cm.

Isakhiwo Sawo

Umlomo wayo ocijile njengowenyoni okuthiwa wupholi. Inamazinyo amafishane. Izigwedlo zasemgogodleni zimfishane. Izigwedlo zangemuva nesigwedlo sesibili sasemgogodleni zenza umzimba ube ngathi uyisikwele. Imibala yawo ivamise ukuba oyisiliva ohambisana namabala amnyama noma ampunga ngokungathi kumnyama nomhlophe.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-oplegnathidae unesizukulwane esisodwa nezinye izinhlobo eziyisithupha. Inamazenga amancane emzimbeni wonke. Uhlobo olungamagwala lutholakala ngaphansi kwezingoxi emini. Ukudla ikuzingela kakhulu ebusuku. Umbala wayo uma isencane awufani nowendala. Izalelela esihlabathini.

Ukudla

Idla izinhlobo ezahlukene zokudla okubalwa kuzo ama-sea urchins.

Atholokala Kuphi

Itholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo Oluvamile

Banded knifejaw - Oplegnathus fasciatus
Cape knifejaw - Oplegnathus conwayi
Spotted knifejaw - Oplegnathus punctatus