Isayensi Ephathelene Nokwakheka Komhlaba weMapungubwe

I-Limpopo Mobile Belt

©Roger de la Harpe

Uma sikhuluma ngokwakheka komhlaba, iMapungubwe ihlala emgodini phakathi kwezigaxa zegranayithi ezimbili (isigaba esikhulu soqweqwe). Lesi sifoco kuthiwa yiLimpopo Mobile Belt.

Eminyakeni engaba yizigidi eziyi250 edlule, uqweqwe lomhlaba laqala ukuhamba eceleni kwebhande nodonga oluncibilikisiwe kusuka esihlokweni laqhutshwa phezulu ngemifantu emincane yechoba. Lokhu kwakha idolerite (uhlobo lwetshe olulukhuni okuvama ukugandaywa ngalo imigwaqo) futhi, lapho ichoba iguguleka, kwashya i-dolerite emigqeni ejwayelekile.

Kusukela phezulu kwegquma laseMapungubwe ungabona isibonelo esihle kakhulu salokhu, ukusika yonke indawo emgwaqweni oqondile, omnyama. Abantu abaningi bacabanga ukuthi loludonga lwemvelo lenziwa izakhamizi zase Mapungubwe, empeleni isakhiwo semvelo.

Isigodi seLimpopo

©Roger de la Harpe

Kodwa kwakukhona impilo esigodini seLimpopo ngezigidi zeminyaka ngaphambi kokufika kwabantu. Izinsalela ze-Dinosaur (isilwane esikhulu esaphila ngaphambi kokufika kwabantu emhlabeni) ezivela eminyakeni enyizigidi ezingamakhulu amabili edlule zitholiwe. Ezinye izinto ezithakazelisayo zihlanganisa izinsalela zezitshalo zezimbali, izinambuzane ezinomzimba wonke kanye nezindunduma zomuhlwa.

Ezinye impawu zezinyawo ze-dinosaur nazo zitholiwe, zifakwe emadwaleni ahlelwe kahle. Nakuba kungekho amatshe abantu bakuqala atholakale, amathuluzi emiphakathi yasendulo yamatshe ayabonakala kuyo yonke ipaki yeMapungubwe. Muva nje, abadwebi besikhathi samatshe, njengaba-San, badweba ngamatshe edwaleni emagcekeni emaphandleni azungeze intaba yaseLeokwe.

Translated by Nsika Khoza