Impahla - Amabhokisi Onogwaja

© Karoline Steenekamp

Amabhokisi Ayizidleke

Amabhokisi ayizidleke ayimpahla ebalulekile futhi ingenziwa ngezindlela eziningi. Abafuyi abaningi baqoka ukusebenzisa amabhokisi epulangwe, abekwa ehhokweni noma aqhaswe ngaphandle kwehhoko kubenembobo ehhokweni yokuthi insikazi ikwazi ukuphuma nokungena. (Bheka izithombe).
Okunye okungasetshenziswa, isigubhu sepulasitiki esingu-25 liter, singasikwa kwenziwe amabhokisi afudumele futhi akhucululeka kalula. (Bheka isithombe). Iziqhaso zepulasitiki ezibunjiwe zamabhokisi zikhona, yize zibiza, ziphatheka kalula. (Bheka isithombe).
Isidleke-bhokisi esishibhe kakhulu singenziwa ngokubhoboza imbobo kwikhalibhodi.
Kumele kucophelelwe ukuthi ibhokisi ligcinwa lomile futhi lisetshenziswe kanye. Uma izixhumo sezilunyuliwe, dabula ikhalibhodi (lokho okusuke sekusele emva kokuba umama unogwaja eselihlafunile) bese ulibeka enqwabeni yomquba.

Amabhokisi Okuthutha

Onogwaja badinga ukuyaluziswa kanti kuhle ukusebenzisa ibhokisi lokubathutha ukwenza lokhu. Kungaba ihhoko elincane locingo elinezibambo noma elinziwe ngepulangwe, futhi libenezibambo. Uma ibhokisi lidingeka ukuthutha izilwane eziningi, kuhle ukubanamakamelo amane noma amahlanu emabhokisini.uma izilwane zihamba ngemoto kudingeka zibesemabhokisini noma emakasini aphephile, anezimbobo zokungena umoya azozivikela ohambeni.
Kumele kucophelelwe ukuthhi onogwaja bangaminyaniswa futhi uma behanjiswa uhambo olude yenza isiqiniseko ukuthi banomanqanti noma amahhabhula emakasini, okuzobasuthisa futhi kubaqede nokoma. Ukuba kude kohamba kusho ukubambijane kwezilwane ekasini. Izinkambo eziningi zibaphakathi kwamahora awu-1-6.

Ibhokisi Losizo Lokuqala

Ibhokisi losizo lokuqala libalulekile. Kufanele liqukathe imithi enqala futhi litholakale ngazikhathi zonke. (Izinto ezingaphakathi kwebhokisi zizobuywe zidingidwe ngaphansi ‘Kwezempilo’)
Amakhadi amahhoko, amabhuku emininingwane egciniwe nezimpawu zokubekisa onogwaja kuzodingidwa ngaphansi kwesihloko esithi ‘Ukuphathwa Konogwaja’.

Translated by Zoza Shongwe