Grey Nurse Shark

© Jean Tresfon

Igama

I-Grey nurse shark

Ezinye izinhlobo

ISand shark, iGrey nurse shark, iDogfish shark, iSpotted ragged-tooth shark

Igama lesayensi

I-Carcharias taurus

Ubude

Ujwayele ukuba ngamamitha amabili nohhafu, ungakhula uze wedlule kwamathathu.

Ibonakala kanjani

Lo shaka unekhala elikhulu, elicijile, namazinyo acijile. Unezigwedlo ezincane ezimbili emhlane. Isikhumba sawo sinsundu ngokumpunga bese siba namabala amnyama. Umsila walo shaka mude phezulu kunangezansi.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni woshaka i-Odontaspididae unemikhakha emibili nezinhlobo ezine. Labo shaka babalwa njengezinye izilwane ezisengozini. Yibo kuphela abaziwa ngokugwinya umoya bewumumathe esiswini ukuze bentante emanzini. Labo shaka baphila ngokufuduka kanti bavame ukutholakala ezindaweni ezinamatshe aphakeme olwandle.
Yize bengenalo uchuku futhi bevame ukuzihambela kancane, bangaba yingozi kakhulu uma besukelwa. Bangakhulula baze babe wu-160kg. Kabawazaleli amaqanda kodwa kunalokho bazala oshaka abancane abaphelele. Bayakwazi ukudlana bodwa besengaphakathi esibelethweni, bengakazalwa. Imvamisa labo shaka bazala izingane ezimbili.

Ukudla

Bavame ukudla izinhlanzi ezinamathambo, abanye oshaka abancane, izinkalankala, amashebenisi nezinye izilwane zasolwandle.

Indawo

Batholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga okushisa aphezulu.