Eland
Impofu

© Nigel Dennis

Igama

Impofu (taurotragus oryx)

Ibonakala Kanjani

Impofu yesilisa iba yinde kusuka emahlombe okungango-1.7m nesisindo esiwu-900kg. Yize zizinkulu kangako azibambeki ehlane, ziyakwazi ukubaleka zeqe ubude obungangocingo olujwayelekile. Zithe ukuphakama kancane ngenhla kweqolo kuye kwehle ngomzimba. Ubulili bobubili bunezimpondo ezibheke emuva kancane ezinobude obucela ku-1m. Ezesifazane zithe ukuba zincane zona nesisindo esiwu-450kg. Ezesilisa zinoboya obumnyama ebunzini. Zibe nemigqa emhlophe engagqamile kakhulu.

Mayelana Nokuzala

Yize ingenaso isikhathi esibekiwe sokuzala eNingizimu Afrika sekunakekile ukuthi izala amazinyane amaningi ngezikhathi ezithize. Emva kokumitha izinyanga eziyisishiyagalolunye, izala izinyane elilodwa. Amazinyane akwazi ukugijima emva kwamahora ambalwa ezelwe.

Indlela Eziphila Ngayo

Into ehehanayo wukuthi umhlambi uyakwazi ukwakha indawo lapho ezincane zidlala khona. Uma zisenkingeni izinkunzi ezinkulu ezinezimpondo ezinkulu ziyahlangana phambili zivikele ezincane nezimithi. Izinkunzi aziyilweli indawo ngenza yokuthi zihamba amabanga amade zifuna nezindawo ezingcono zokudla. Kodwa izinkunzi ziye ziyilwele inkundla yazo uma kuyisikhathi sokukhwela.

Indawo Eziphila Kuyona

Zithanda ukuphila endaweni ethanda ukuba sehlane enotshani obuncane, nezikhotha ezincane njengase-Orange River nasezinkalweni zaKwaZulu-Natal.i Yisilwane esizingela ebusuku, sidle nezithelo ezibamba amanzi omoya wasebusuku khona nazo zizothola amanzi njengoba zihlala ezindaweni ezingenawo amanzi amaningi.

Zitholakala Kuphi

Ibonakala eziqiwini eziningi eningizimu ye-Afrika. Ezindaweni ezake zaba kuzo zase zishabalala sezibuyisiwe.

Izilwane Eziyingozi Kuzona

Ezindala zidliwa amabhubesi nezimpisi kuthi ezincane zidliwe izingwe, izingulule nezimpisi.