Cheetah
Ingulule

© Shem Compion

Igama

Ingulule (acinonyx jubatus)

Ibonakala Kanjani

Ingulule idume ngokuba nesivinini esikhulu uma igijima ibanga elincane, ingijima isivinini esingange90km nge hora uma izingela. Lelikati laziwa ngomzimba walo omncane, inyawo ezinde, ikhanda lalo eliyindilinga namadlebe alo ayindindilinga amancane. Linobude obungama mith amabili kusuka ekhala ukuya ekugcineni komsila., linesisindo esingango 40kg ukuya ku 60kg, bese liphakame okungange 800mm. Linomgogodla ophakeme ngasesifubeni wehle ngase muva awuqondile. Lelikati laziwa ngemibala yalo egqamile nomsila walo omude ocishe ulingane nobude bomzimba walo.umsila walo unemiggqa.

Zidla Nhloboni Yokudla

Ukudla kwengulule izinyamazane ezimaphakathi ngobuncane kuya ebikhulwini njenge steenbok, duiker,Thomsons neGazelle, kodwa sekuke kwabonakala awesilisa ezingela wonke anhlanganyele izilwane esikhulu njengeWildebeest.Zibuye zidle amaBaboon, izinyoni ezihamba phansi nezingungumbane.

Mayelana Nokuzala

Ingulule ayinaso isikhathi thizeni esibekiwe sokwenza abantwana nje zingwe. Zizala emuva kokumitha izinyanga ezintathu. Kujwayeleke ukuthi kuzalwe izingane ezimbili kodwa leli nani liyelifike esithupheni. Izingane zihlala nabazali bazo zize zibe neminyaka emibili ngeshwa aiphili zonke zize zibendala ngenxa yukubulawa amabhubesi, izimpisi nokhozi. Ngexa yokuba amakati angaqinile kakhulu umama wazo uye azishiye ezincane ngenxa yokuvikela impilo yakhe. Kodwa ezindaweni lapho zikwazi ukuzifihla khona noma izitha zingekho ziningi ziyakwazi ukuphilazonke izingane zize zibe ndala.

Iindlela Eziphila Ngayo

Iphila ngamaqembu emindeni abemabili kuya kwayisithupha, yize amanya athanda ukuziphilela wodwa. Inani ayemaningi ngalo uma kubukwa kusuka kudala fufika manje lehlile inani lalamakati. Awasabonakali ezindaweni eziningi eAfrika ngenxa yabantu bethatha indawo. Lamakati azingela ebusuku nasemini inkakhulukazi entathakusa nantambama uma ilanga lishona. Zikhetha ukulala ziphumule uma ilanga lishisa kakhulu emini. Abangakaze balizwe lelikati likhala baye bamangale umalenza umsindo ofana nowenyoni. Abuye enze imisindo efanancamashi namakati asekhaya, awabhodlisi okwamabhubesi.

Indwa Aphila Kuyo

Athanda ukuhla ezindaweni ezivulekile njengoba uye uwabone kumabonakude, ayeazithole esekhaya kuma-savannah woodlands.

Zitholakala Kuphi

Lamakati atholokala ikakhulukazi eKalahari, Northern Province nase Mpumalanga. Lamakati aphela endaweni yaKwazulu Natal ngo 1930. Kwase kwafakwa awaseNamibia endaweni yaseHluhluwe, Umfolozi nase Mkuze ngo 1955.

Ulwazi

AmaKing Cheetar akulona uhlbo lweziNgulule kodwa kepha ukwenzeka ngokwemindeni amanye azalwa nalombala ohlukile, Ibonakala eNorthen Gauteng naseKruger National Park.

Amaphuzu Abalulekile

Isisindo seyesifazane: 36 - 48 kg
Isisindo seyesilisa: 39 - 60 kg
Ubude beyesifazane: 2,0 m
Ubude beyesilisa: 2,0 m
Isikhathi sokukhulelwa: Izinyanga ezintathu
Inani lezingane: 1 - 5
Ininyaka eqalangayo ukwenza izingane: Iminyaka emibili
Isisindo umaizalwa: 272 g
Idlani: inyama

Izala Nini

Izingane zizalwa noma inini onyakeni.

Imizila Yezinyawo

Yize engawuthinti umhlabathi uma ihamba kodwa amazipho abonakala kuwowonke umzila wezinyawo