Amawolintshi

©Louise Brodie
©Louise Brodie
©Louise Brodie

I-Citrus igama elihlanganisiwe lohlobo lwezihlahla eziqhakazayo nezihlahlana emndenini wama rue, iRutaceae. Izitshalo zeCitrus zikhiqiza izilimo ezibalulekile zezithelo ezinjengamawolintshi, ama-mandarin, ulamula nama-limes namagilebhisi. Izithelo zeCitrus zivela eSouth East Asia, enqamula esifundeni esisuka eSouthern China siye eNortheast India. Izilimo zeCitrus ziye zatshalwa kulezi zindawo iminyaka eminingi futhi ngokuhamba kwesikhathi ukutshalwa kwalezi zithelo kuye kwasakazekela nasezindaweni zokukhiqiza eziseMedithera nasemhlabeni jikelele.

Izithelo zeCitrus zikhiqizwa ezihlahleni ezihlala ziluhlaza. Izihlahla zeCitrus zikhiqiza izimbali entwasahlobo bese izithelo zikhula ngokuvuthwa kwentwasahlobo kanye nehlobo ukuze kuvunwe ekwindla nasekupheleni kobusika.

Izithelo zeCitrus zihlukaniswe futhi zinesikhumba esikhulu. Izithelo zivame ukubhekwa ngaphambi kokuba zisetyenziswe futhi isikhumba, esibuye sibizwe ngokuthi i-rind bese umphetho wangaphandle ubizwa ngokuthi yi-zest, ngokuvamile uyalahlwa. Zonke izithelo ezisawolintshi ziqukethe i-citric acid ne-ascorbic acid, eyaziwa kangcono njengezithelo zikaVitamin C. Izimpawu zokunambitheka kwazo zibonakaliswa ukunambitheka kwazo okubukhali kanti ezinye izinhlobo zezitrus, ezinjengolamula nama-limes, zinomuncu noma zinambitheka, kanti ezinye zimnandi. Izithelo ngokuvamile zinamakha aqinile, ikakhulukazi ngenxa yamafutha e-limonoid aqukethe kakhulu esikhunjeni sezithelo.

Translated by Nsika Khoza

Ukukhiqizwa Kwamawolintshi

Izithelo zeCitrus zingenye yezinhlobo zezithelo ezithandwa futhi ezikhiqizwe kabanzi emhlabeni jikelele. I-Citrus ikhiqizwa ezifundeni ezikh...more

Izinhlobo Zamawolintshi

Izinhlobo ezisetshenziswa kakhulu amawolintshi eSouth Africa amaNavels namaValencias. Inkaba zivame ukuvuthwa ngaphambi kweValencias. Inkaba...more