Usiko Lwendawo yeMapungubwe

Intaba Eyinqaba Yemvelo

©Roger de la Harpe

Le nqaba yezintaba zemvelo ephawulekayo, eyakheka kakusha kwezinye izingxenye ngodonga olumile lwamatshe, indawo esesimeni esihle okungajwayelekile lapho futhi okwakunombuso wokuqala eNingizimu Afrika.

I-Mapungubwe yahluma njengombuso obalulekile wokuhweba lapho kuhlangana khona imifula yaseLimpopo Shashe (lapho iNingizimu Afrika, iBotswana neZimbabwe behlangana khona) kusukela ngo-1220 kuya ku-1290, kodwa yatholakala kuphela ngawo-1930.

Izakhiwo zegolide ezitholakala eMapungubwe, ezakha ingxenye yengcebo kazwelonke, manje zibhekwa njengelifa leNingizimu Afrika elikhulu kunazozonke zenkathi yensimbi.

I-Mapungubwe

©Roger de la Harpe

Nakuba izinto ezibonakalayo zeMapungubwe, uphondo lwegolide, intonga nesitsha, ziboniswa eNyuvesi yasePitoli, usengakwazi ukuhambela izindawo ezihlukahlukene nabakhaphi bendawo ukuze bakubonise okwasendulo eMapungubwe National Park - ngokushesha kuzoba yingxenye yeLimpopo-Shashe Transfrontier Park.

I-Unesco ibheke ukuthi le sayithi ibe 'ihamba phambili jikelele ngekhwalithi'. Okukhangayo kakhulukazi Intaba yechoba enikeza indawo leyo igama (sandstone hill), futhi mhlawumbe yenza njengenhloko-dolobha yombuso wokuhweba owawukhula eminyakeni engaba yinkulungwane eyedlule.

Isikhungo Sokuhumusha seMapungubwe

©Roger de la Harpe

Emhlanganweni we-World Architecture Festival eBarcelona ngoNovemba 2009, isikhungo sokuhumusha seMapungubwe eLimpopo, esakhiwe yinkampani yasegoli i-Peter Rich Architects, sabizwa ngokuthi 'isakhiwo esihle umhlaba wonke' Kubukeka sengathi ikoloni eyinkunzimalanga yomuhlwa kanye noma uGaudi ngabe wayeceliwe ukuba akhethe isakhiwo esivumelana noMapungubwe National Park kanye nesiko lokuhweba.

Lokhu uhlobo lwezakhiwo lwemvelo olungajwayelekile okungakaze kubonwe Kuleli zwe Kusukela ngenkathi yaseCape Dutch.

Translated by Nsika Khoza