Ukulawula Izilokazane Ezikhathazayo Okwemvelo

©Dr Pia Addison Winetech
Inqubo engokwemvelo futhi engabizi kakhulu yokulawulwa kwezilokazane ezikhathazayo ukuvikela izitha zemvelo zezilokazane. Kanti lezi zilwane zasendle zingasiza ukulawula izilokazane ezitshalweni zakho.
Ukwanda kohlobo olulodwa lwezinto eziphilayo kungabonisa ukuthi ukulinganiswa kwemvelo kuphazanyisiwe futhi kungasho ukuthi izilwane eziphilayo ezidla izilokazane azikho futhi ngaleyo ndlela akukho kulinganiswa kwezinhlobo eziphilayo okwanele endaweni. Ukuhlukahluka kwezinhlobo zezinto eziphilayo kuhlanganisa izinto eziningi ezihlukahlukene (isibonelo: Izitshalo, izinyoni, izinambuzane, imbewu yokufa) ezihlala endaweni.
Izilwane zasendle zikhula ezindaweni ezinokuphila okuhlukahlukene futhi lapho umlimi elima izitshalo ezehlukene.
Izilwane ezidla izilokazane zihlanganisa: Izinambuzane ezidlezinye ezinjengomanqulwana kanye neziqandi, izilwane ezihuquzelayo (isibankwa), nezilwane eziphila emanzini nasemhlabeni (amaxoxo), ulwembu.
Izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo zingathuthukiswa ngokungafafazi isibulala - zinambuzane kanye nokutshala (noma ukungabhubhisi) indawo yemvelo noma izitshalo ezizuzisa izidalwa zemvelo. Lokhu kungenziwa ngokutshala uthango lwezitshalo njengemingcele yezinto eziphilayo, ukugcina izindawo zokukhula kwezitshalo okwemvelo kanye nokutshala izimbali ukuheha izinyosi, isibonelo.
Ukufafaza isibulala-zinambuzane akubulali izinambuzane kuphela, kodwa nezitha zazo zemvelo, kuthuthukisa ukuzivikela kwezilokazane kanye nokwengeza ushevu ohlelweni zamanzi.
Kunezindlela ezimbili zokulawula izilokazane: ukulawulwa izilokazane okwemvelo nokulawulwa ngezinto eziphilayo.

Ukulawulwa Izilokazane Okwemvelo

Izitshalo ezithile ezifana nekhakhi bush (iTagetes minuta noma mbanje ngesiNdebele) kuxosha izinambuzane zihambe ngenkathi i-marigold ingakwazi ukuvimbela inhlobo eziyishumi nane zempethu. Ukuze i-marigold iphumelele ekunciphiseni impethu, kufanele itshalwe okungenani izinyanga ezimbili ngaphambi kokuba isitshalo sitshalwe.
Izitshalo ezithile zingalawula izilokazane ezikhathazayo ngezindlela ezilandelayo:
Ukumboza isivuno ngokutshala ndawonye. Izinambuzane zikwazi ukunuka isivuno noma ziphikiswa ngephunga lesembozo sakho. Isibonelo, i-rosemary ixosha izimpukane zeklabishi.
Tshala izitshalo (isb. Izimbali) eziheha izinambuzane ezizuzisayo (isb. Izinyosi).
Tshala umngcele wezinto eziphilayo ezungeze isivuno.
Ezivandeni ezincane, izinambuzane zingalawulwa ngokufakwa kwe-khaki bush. Into ebabayo neshaladi lenyoka kungafakwa nakho ukuze kugweme izinambuzane.

Ukulawulwa Ngezinto Eziphilayo

©Prof Piet Goussard Winetech
Izinambuzane zidlala indima ebalulekile emvelweni epulazini futhi kufanele kukhunjulwe ukuthi akuzona zonke izinambuzane eziyizilokazane ezikhathazayo. Izinambuzane zisiza ukugcina imvelo isesimweni esilingene ngokufanele futhi, njengoba kushiwo ngenhla, kusiza ukunciphisa izilokazane eziphilayo 'ukulawulwa ngezinto eziphilayo'. Izinambuzane eziwusizo zidla izilwane eziphila emanzini nasemhlabeni, izibungu, amacimbi nezinye izimbungulu ezidla izitshalo futhi ezilimazi abantu, izitshalo nezilwane.
Izinambuzane eziwusizo ezinjengomanqulwana webhungane i-Chilocorus nigritus ne-Cryptolaemus montrouzieri kanye neziqandi i-Aphytis lingnanensis ne-Coccidoxenoides perminutus ngezohwebo futhi zingathengwa futhi zisetshenziswe epulazini njengezilawuli eziphilayo.

Translated by Nsika Khoza