Requiem Sharks

© Johan Boshoff

Igama

Requiem Sharks

Ezinye izinhlobo

Black-tip, Blue shark, Tiger shark, Whitetip Reef Shark, Bull Shark

Igama lesayensi

Carcharhinidae

Ubude

Ungakhula uze ube ngamamitha amahlanu.

Ibonakala ngani

Tiger shark (Galeocerdo cuvier): Lona wushaka enomzimba ompunga ngaphezulu onemigqa emnyamana efana neyengwe. Ojwayelekile ungamamitha amathathu, kodwa uyafika nakwamahlanu ubude.
Black-tip shark (Carcharhinus limbatus): Lona unekhala elicijile nezimbobo zokuphefumula ezinde. Wonke amaphiko okugwedla (fins) anombala omnyama ekugcieni. Ojwayelekile uyimitha elilodwa nohhafu ubude. Ungakhula uze ucishe ufike emamitheni amathathu.
Blue shark (Prionace glauca): Lo shaka unomzimba omude oya ngokuncipha uma uya ngasekhanda noma ngasemsileni. Inama-fin amade esifubeni. Ama-fin asesifubeni nasesidunwini anamachopho amnyama. Ojwayelekile uba yimitha nohhafu ubude kodwa ungafika nasemamitheni amade nohhafu.
Bull shark (Carcharhinus leucas): Iphinde yaziwe ngeZambezi Shark. Lona ngushaka onenyama eningi nekhala elifushane eliyindilinga. Ama-fin okugwedla emzimbeni acijile. Lo shaka unomzimba onsundu nokumpunga ngaphezulu futhi uyakwazi ukuhlala emanzini angenawo usawoti.
Oceanic Whitetip Shark (Carcharhinus longimanus): Lo shaka unama-fin amade abukeka njengamaphiko esifubeni nasemhlane. La ma-fin anombala omhlophe ekugcinei. Lo shaka unombala onsundu ngokumpunga emhlane.
Whitetip Reef Shark (Triaenodon obesus): Lo shaka mncane ngesidumbu futhi unomzimba omfushane nekhala ezinqindekile. Unombala onsundu ngokumpunga emhlane, namabala amnyama ngokumpunga. Umsila namaphiko kumhlophe ekugcineni.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni woshaka unemikhakha eyi-12 nezinhobo ezingama-50. Banamazinyo ayimimese acijile. Oshaka banezimbobo ezinhlanu zokuphezumula. Banongwengwezi lwesithathu ngaphezulu kweso, oluvikela iso.
Lo shaka ungakhula uze ube ngamakhilogremu angama-900 isisindo futhi uyingozi kubantu. Kawuwazaleli amaqanda kodwa uzala oshaka abancane abaphelele. Abesifazane bazala kanye eminyakeni emithathu. Ngokwezinhlobo zabo, labo shaka bangazala oshaka abancane abayi-10 kuya kwabayi-100 ngesikhathi.

Ukudla

Laba oshaka badla izihlanzi, izinhloni, oshaka abancane, izimfudu, amahlengethwa nezinye izilwane.

Indawo

Basabalele olwande ezindaweni ezifudumele emhlabeni.

Izinhlobo ezejwayelekile

Tiger shark (Galeocerdo cuvier)
Black-tip shark (Carcharhinus limbatus)
Blue shark (Prionace glauca)
Bull shark (Carcharhinus leucas)
Oceanic white-tip shark (Carcharhinus longimanus)
White-tip reef shark (Triaenodon obesus)